LUQALE kabi usuku kwezinye izakhamizi zaseSoweto zifakwa kuwolawola ngamacala ahlukene ngesikhathi amaphoyisa enesivimbamgwaqo eRoodepoort.
UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni obehola umsebenzi ebambisene nezinhlaka ezahlukene zamaphoyisa iTRT, POP neMounted Unit, VCIU, kukhona amaphoyisa kamasipala nabaqaphi bobugebengu abasha abasanda kuqashwa ngohlelo lweNasi Ispani.
Kulesi zivimbamgwaqo kuboshwe abantu abangu-65 ngamacala okuba kuleli ngokungemthetho abanye batholwe bephethe umshini wokugembula ongekho emthethweni.
Ngokusho kwamaphoyisa, uhlelo lwe-#OperationShanela luzoqhubeka ezindaweni ezahlukene eGoli kodwa luzogxila kakhulu ezindaweni ezisentshonalanga njengoba iqhubeka impi yokulwa nabavukuzi abangekho emthethweni.
Ngemuva kwalesi sivimbamgwaqo, amaphoyisa anikele eMatholesville endaweni eyaziwa kakhulu ngokuba namazamazama.
Amaphoyisa afike kule ndawo awola amathulizi okuvukuza angekho emthethweni.
UMnyango weziMbiwa nawo ufake isandla ekulekeleleni amaphoyisa ngogandaganda obusetshenziselwa ukugqiba le nqwaba yemigodi okuvukuzwa kuyo okungekho emthethweni.