SELUSHINTSHILE usuku obekufanele kulalelwe ngalo icala lombango wophawu lweqembu uMkhonto weSizwe, elizoba seNkantolo eNkulu eThekwini.
UMkhonto weSizwe kwakungumbutho wezempi we-ANC owasungulwa ngoDisemba 1961.
Kuhambe, kwahamba wahlakazwa ngoDisemba 1993, izwe selizongena kuhulumeni wentando yabantu.
I-ANC imangalele uMkhonto weSizwe iwusola ngokusebenzisa uphawu lwayo ngaphandle kwemvume. IMK yiqembu elisha elethulwe ngoDisemba lesekwa ngowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
Akwehlanga kahle lokhu kwi-ANC ekhale ngokuthi kwebiwe igama nophawu konke okungokwayo. Amacala afakwe yi-ANC ahlukene kabili, kukhona umbango wophawu nokuyicala ebelizongena ngoLwesithathu ngoMashi 6. Yilona leli elihlehlele kuMashi 27 nonyaka.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela uthe isinqumo sokuhlehlisa icala sithathwe ngokuvumelana kwezinhlangothi zonke.
“Sibe nomhlangano nomphathi wamajaji nabameli be-ANC, savumelana ukuthi sihlehlise ukuze zonke izinhlangothi zinikwe ithuba elanele,’’ kusho uNdhlela.
Icala lesibili yilelo elifakwe eNkantolo yezoKhetho, eBloemfontein elimayelana nokubhaliswa koMkhonto weSizwe kwi-IEC. Leli cala lesibili lona libekelwe uMashi 19, elizongena ngawo enkantolo.
UNdhlela uthe beyiMK bazobe begcwele kuwo wonke amacala bezokweseka abameli babo beqinisekise ukuthi bayanqoba. IMK ibinemashi enkulu eThekwini, lapho ibikhala khona ngokusweleka kwezidingo zomphakathi isola umasipala ngokungenzi kahle.