KUXABANE ubendle eqenjini le-IFP. Lokhu kuvele obala muva nje, ngesikhathi amanye amalungu efuna umhalangano osheshayo.
Iqembu libhekene nesimo esinzima ekubeni kumele libumbane lilungiselele ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
I-IFP, yilona qembu eliphikisayo ngokusemthethweni KwaZulu-Natal. Yabunjwa yinkosi uMangosuthu Buthelezi ngo-1975, nonyaka iqeda iminyaka ewu-48 yasungulwa.
UShenge uhole i-IFP kwaze kwaba ngo-2019, wabeka phansi izintambo. Zathathwa nguMnuz Velenkosini Hlabisa, owakhethwa ngo-elethu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eyayisoLundi.
Belulokhu lufufusa udaba lobuqembuqembu nemibango yangaphakathi kwi-IFP kepha bekuba yinto ekhulunyelwa phansi.
Umsunguli weqembu, wake wakhala ngobuqembuqembu okuthiwa bukhona ngaphakathi. Bekuvela nemibiko yokuthi kukhona abazibiza ngamaKKK (Konke Kuhamba Kahle) kanti kukhona nabanye abazibiza ngama-AU (Abusekho Ubunzima).
Bekunemibiko yokuthi kukhona abangaphakathi eqenjini abangamemukeli uHlabisa njengomengameli we-IFP. Muva nje, kuvele ukuthi kuneqeqebana labaholi abasezinhlakeni eziphezulu ababhale incwadi becela umhlangano ophuthumayo. Kusolakala ukuthi bebehlose ukuyoketula uHlabisa, emhlanganweni.
Umhlangano bekufanele ubeseMpangeni. Kepha sichithiwe isicelo somhlangano kwathiwa labo abebewubizile bazovela phambi kwesigungu esiphezulu, beyochaza kabanzi ngesinyathelo sabo.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukhiphe isitatimende ngalolu daba ecacisa ukuthi umhlangano uchithelweni.
“UNobhala -jikelele uthole incwadi kodwa engacacile kahle evela kubantu abangu-20 becela umhlangano womkhandlu kazwelonke. Isigungu esiphezulu sithe uma sibheka lesi sicelo ngoJulayi 31, sanquma ukusichitha. Umkhandlu kazwelonke wuhlaka lweqembu oluphezulu kabi, ngeke lubizelwe umhlangano noma yikanjani,’’ kuchaza uHlengwa.
UHlengwa uthe esikhundleni salokho, umhlangano womkhandlu kazwelonke owejwayelekile uzobizwa ngumengameli ngesikhathi esifanele. Konke lokhu kuveze ngokusobala ukuthi ikhona inkinga ngaphakathi eqenjini.
Kuvela izinsolo zokuketulwa kukaHlabisa nje, basanda kubhula umbango ngesithombe sobuso okumele sisetshenziswe ezikibheni zeqembu. I-IFP yanquma ukuthi iqhubeke isebesenzise isithombe somsunguli weqembu inkosi uButhelezi, nakuba isephumile esikhundleni.
Kuthe kusenjalo kwavela ukuthi kukhona abafuna kufakwe ubuso bukaHlabisa ezikibheni kukhankaswe ngabo nasokhethweni ngoba wuyena umholi. Kuke kwaphuma incwadi iyalela abaholi bezinhlaka ukuthi bahlonze bonke laba abagqoka izikibha zikaHlabisa bayiswe eqenjini bese libathathela izinyathelo.
Konke lokhu kwaveza isimo esingesihle ngaphakathi eqenjini knati bekungajwayelekile ukugqama kobuqembuqembu kwi-IFP.
I-IFP ibhekene nalesi simo nje, isemkhanaksweni wokubuyela emandleni kuhulumeni waKwaZulu-Natal eyake yawuphatha kudala yabuye yaphuma. Emuva kwalokho kwahamba kwahamba yabhekana nesiphepho esinzima ngesikhathi kuqembu iNFP eyayiholwa wuNkk Zanele kaMagwaza - Msibi.
Okwayithwalisa kanzima kakhulu i-IFP wukuthi uNkk kaMagwaza - Msibi wayengusihlalo wayo kazwelonke futhi esekwa kakhulu ngaphakathi eqenjini nakubantu jikelele enodumo kakhulu. lokho kwafakazelwa wukwesekwa iqembu elakuthola lephuca i-IFP imikhandlu lathola nezihlalo ePhalamende likazwelonke.
Noma kunjalo kodwa i-IFP ikwazile ukubuya mawala njengoba ibe yiqembu eliphiksa ngokusemthethweni esifundazweni. Ithe isuka yadla omasipala ababephethwe yi-ANC kumanje baphethwe yiyona.
Noma ibaphethe omasipala i-IFP kodwa imiswe kabi yi-ANC ezama ukubathatha omasipala ngokuketula i-IFP ngoba iphethe ngokubambisana namanye amaqembu. Kamuva nje i-ANC isanda kuhlangana ne-NFP yathatha bathatha uMasipala wakwaNongoma obuphethwe yi-IFP isikhathi eside.
Bathini abahlaziyi ngesimo se-IFP ?
Umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe kufanele i-IFP ibhasobhe ingazigwazi ngowayo ngesikhathi esibucayi.
“ Kufanele ngabe i-IFP ifundile kwi-ANC ukuthi indaba yobuqembuqembu iyingozi. Into edale inkinga wukuthi kukhona abantu be-IFP abangamemukeli uHlabisa njengomholi ababuza nokuthi ungene kanjani esikhundleni. Lokhu okwenzeka manje kuzobadikibalisa abavoti abebeyethemba i-IFP njengoba kubhekwe okhetheni nje,’’ kusho uMngomezulu.
Uthe njgengamanje badinga ubumbano kakhulu kunakuqala futhi kufanele ngabe bamatasa namaqhinga okwenza kahle okhethweni ngoba banethuba elihle.
Uthe ekuqaleni ubuqembuqembu bebungenayo indawo kwi-IFP ngenxa yokuthi uButhelezi bekunguyena mholi onohlonzo obehola iqembu isikhathi eside.
Omunye umhlaziyi, uMnuz Thabani Khumalo, uthe i-IFP iqala umkhuba omusha futhi omubi obungekho eqenjini phambilini.
“ Indaba yokushintsha kobuholi kusuka kumsunguli weqembu kuza ezandleni ezintsha ivule ithuba lombango nokwehlukana. Lokhu okwenzeka manje kuzobalimaza kakhulu futhi kuzobabuyisela emuva. Basuke baba nomholi oyedwa isikhathi eside kakhulu nokwenze kube nzima manje ukwedlulela kwelinye ikhasi,’’ kusho uKhumalo.
UKhumalo uyithintile nendaba yobuso ezikibheni zeqembu wathi kwabonakala lapho ukuthi ikhona inkinga. uthe kukhona abantu be-IFP abakholwa wukuthi uButhelezi kufanele aqhubeke afakwe ezikibheni kanti abanye babona lokhu njengokungamemukeli uHlabisa njengomholi.
UKhumalo uthe kufanele i-IFP izame ukubumbana ilungise isimo sayo ngoba uma isiyeka sidlebeleka izozisola.