UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongiwe Sithole-Moloi wethule uhlelo lokulwa nokulahlwa kwemfucuza budlabha eMawoti, eNanda.
Lolu hlelo oluzovula amathuba angu-450 emisebenzi ezinyangeni ezingu-12, lusungulwe komasipala abangu-12 esifundazweni ngaphansi kolubizwa nge-Expanded Public Works Programme (EPWP).
Omasipala abayingxenye yohlelo kubalwa oweTheku, owaseKokstad, uMsunduzi, Alfred Duma, Ray Nkonyeni, uMasipala waseNdumeni, Newcastle, KwaDukuza, Abaqulusi noMasipala waseMhlathuze.
Kumasipala ngamunye kuzovuleka amathuba omsebenzi angu-40 kanti kowaseThekwini kuzovuleka angu-100.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, udlulise izinkontileka kubasebenzi abaqashiwe, wabalula inhloso yokuthi baqale lolu hlelo lokulwa nokulahlwa kwemfucuza budlabha.
"Okuseqhulwini ngalolu hlelo ukuthi sisuse izindawo zokulahla imfucuza ezingekho emthethweni, bese siyaziguqula zibe yizindawo eziyizingadi emphakathini, ezinye kube ngezokuzijabulisa.
“Sihlonze izindawo eziningi kubona labomasipala, kubalwa neziseduze nezikole, izibhedlela nezemidlalo," kusho uSithole-Moloi.
Uqhube wathi bazibophezele ukuthuthukisa imiphakathi, wanxusa ukuthi omasipala bakweseke ukulwa nokulahlwa kwemfucuza ngokungemthetho.
"Sinxusa omasipala ukuthi balweseke lolu hlelo ngokuhlinzeka ngezinsiza ezifana nemigqomo kadoti.
“Sizibophezele ukuthuthukisa imiphakathi njengoba ukulahlwa kwemfucuza ngokungemthetho kwanda, udoti ugcina usungena emfuleni nasolwandle okubeka engcupheni impilo yezilwane ezihlala emanzini.
"Ukulahla imfucuza ngokungemthetho kugcina sekuvala izitamkoko, okudala inkinga yokungahambi kwamanzi uma kunemvula enkulu," kubeka uNkk Sithole-Moloi.