YIZE kuzogadulisana amaqembu abunjwe yinqwaba yabadlali abayingozi kowamanqamu e-MTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium ngo-6 kusihlwa, womabili la maqembu anabo abadlali abakhethekile okulindeleke ukuthi babe wukhiye kulo mdlalo.
Womabili athembele kubadlali abamqoka emuva, esiswini naphambili ukuthi bavimbe izitha, baphinde baqinisekise ukuthi amaqembu abo ayawakha amathuba okushaya amagoli.
Abadlali ababhekiwe kwiPirates:
*Sipho Chaine: Selokhu isizini iqalile Ezimnyama zisangenelwe amagoli amathathu kuphela emidlalweni engu-10 emiqhudelwaneni ehlukene. Lo nozinti usevimbe inqwaba yamabhola ayingozi. Akagcini ngalokho kuphela kodwa ubalulekile ngisho iqembu lihlasela njengoba iminyakazo ijwayele ukuqala kuyena emuva. Ngaphandle kwalokho, waba yiqhawe ngesikhathi leli qembu linqoba iMamelodi Sundowns kowamanqamu awo lo mqhudelwano nyakekenye, evimba amaphenathi amathathu.
*Deon Hotto: Lo mdlali unikeza iqembu izinto ezehlukahlukene ngenxa yejubane lakhe, umfutho ongapheli nobuhlakani. Muhle uma iqembu lihlasela lapho eqhamuka khona ngakwesokunxele, aphakele ozakwabo aphinde ashaye namagoli. Uyakwazi ukushesha ayovala emuva uma ezakhe zingaphansi kwengcindezi. Uphinde abe yingozi nakuma-freekick.
*Patrick Maswanganyi: UMaswanganyi ungumdlali omqoka kwiPirates njengoba enenselelo yokuhlanganisa amaphasi esiswini, aqinisekise ukuthi uxhumanisa abasemuva, esiswini, nabagadli. Udume ngomjiko, ovulela iqembu izikhala kanye namaphasi ayingcwenga akwaziyo ukugqobhoza uma kuvaliwe emuva.
Ngaphandle kwalaba badlali bakhona abanye abafana no-Olisa Ndah, Thalente Mbatha, Relebohile Mofokeng, Monnapule Saleng noTshegofatso Mabasa, okumele babe sezingeni eliphezulu ukuze le ndebe yeMTN8 ingasuki kumaBhakaniya. UNdah noSaleng bekubikwa ukuthi banokuthinteka okwenze bangajima ekuqaleni kwesonto.
Abadlali ababhekiwe kwiStellies:
*Sage Stephens: Lo nozinti onamava usekhombise kaningi ukuthi unekhono lokuvimba amashodi anzima futhi uyakwazi ukuhlela izitobha zakhe. Uma kwenzeka umdlalo ufika kumaphenathi kuzobe kubhekwe yena ukuthi abeke iqembu lakhe ethubeni lokwemuka nendebe.
* Fawaaz Basadien: Lo mdlali wenza okucishe kufane noHotto kwiStellies njengoba ekwazi ukwehla aphinde enyuke ohlangothini lwesokunxele. Uma ephambili ugoba amabhola ayingozi athole ozakwabo ebhokisini, uneshodi elimangalisayo futhi uyakwazi ukushaya nama-freekick.
*Lehlohonolo Mojela: Nakuba lo mdlali efike kwiStellies kule sizini kodwa usheshe wangena khaxa kuleli qembu futhi akathathanga sikhathi ukuthi aqale ukuqhulula amagoli. Noma engawuqalanga umdlalo uyakwazi ukuwushintsha uma esengena. Isivinini sakhe nendlela alazi ngayo ipali kuzomenza abe yiphela endlebeni ezitobheni zePirates.
Abanye abadlali abangase babe yingozi yisitobha u-Ismael Toure, izinjini uDevin Titus noJayden Adams, nomgadli owuhlupho u-Andre de Jong.