UMBUSO uthe usukulungele ukuqala kokuqulwa kwecala elibhekene nabaqaphi bephini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile, ababhekene necala lokushaya.
Abaqaphi abayisishiyagalombili bavele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, lapho kunqunywe khona ukuthi icala labo lizoqala ukuqulwa ngonyaka ozayo.
Icala labaqaphi, abangamaphoyisa, lizoqala ukuqulwa ngoMeyi 6 ngonyaka ozayo.
Umshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Elize le Roux, utshele inkantolo ukuthi uMbuso usumi ngomumo.
“Ngingakusho lapha enkantolo ukuthi sesiluqedile uphenyo, futhi sikulungele ukubalula usuku lokuqulwa kwecala.”
Kuvunyelwane ngokuthi ngoJanuwari, uMbuso uveze ubufakazi onabo.
Laba baqaphi baboshwa maphakathi nonyaka emva kokuba bebonakale kwi-video, beshaya abantu.
Kuthiwa ingxabano yasuswa ukushayelisana kabi emgwaqweni.
Abaqaphi babhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elokucekela phansi impahla, nelokukhomba ngesibhamu.
Emva kwesigameko, abaqaphi bamiswa emsebenzini, kwabe sekuqala uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.
Yize lungakapheli uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe, abaqaphi babuyele emsebenzini ngenyanga eyedlule.
Okwamanje basasebenzela ngaphakathi eziteshini zamaphoyisa njengoba besabhekene nokuqondiswa ubugwegwe.