USIZI belubhalwe emehlweni kowesifazane nendodakazi yakhe abavele enkantolo ngecala lokuthumba nokubulala umakhelwane wabo, ababemsola ngokuthakatha eNewlands West, eThekwini.
Umsolwa wesithathu, oneminyaka engu-13, ubebukeka ekhululekile ebhokisini labasolwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
Zigcwalwe amehlo izinyembezi kuNksz Slindile Zamisa (43) ongumsolwa wokuqala, nendodakazi yakhe u-Andile Zamisa (23), abagqunywe ezitokisini, ngesikhathi ijaji libeka izinsuku okuzoqulwa ngazo icala.
IJaji S Khan lithe icala lizoqulwa kusuka ngo-Ephreli 11 kuze kube wuMeyi 12 ngonyaka ozayo.
UKhan uthe akafune zihibe uma sekuqulwa icala. Udonse ngendlebe umsolwa ona-13 ukuthi alungise indaba yokukhokhela ummeli wakhe ozimele.
Umshushisi u-Advocate Denardo MacDonald nommeli wabasolwa weLegal Aid South Africa, uNkk Zeera Fareed, batshele inkantolo ukuthi sebenikezene ngemininingwane yecala, kwalungiswa nemicikilisho ebikhona.
UNksz Zantombi Cele, oyilungu lomndeni kamyeni kamufi, uthe bajabulile ngokuthi selize lwabekwa usuku lwecala.
UNksz Cele uthe kade begqigqela ubala enkantolo kodwa manje sebefuna ukuthi icala liqulwe liqedwe, bese abasolwa begixabezwa ngodilikajele.
Abasolwa bathweswe amacala qamabili, okungawokubulala nawokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Icala livele seligojele uNomfundo Truelove Ngcobo (23) owavuma icala wagwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele. Kwagwetshwa iminyaka eyisithupha noNicholas Sithembiso Lamula (41) ngeqhaza lakhe.
UMbuso uthi ngoLwesibili ngo-Okthoba 6, 2020, abasolwa babizela emzini wabo umufi, uNkk Smangele Simamane (42) nendodakazi yakhe, uSbongakonke Mthembu (12).
Kuthiwa bayenga uNkk Simamane ngokuthi azoxazulula ingxabano eyayiphakathi kukamsolwa wesithathu noSbongakonke.
Abasolwa kuthiwa babesola uNkk Simamane ukuthi wathakatha uyise kaNomfundo, waze washona.
Kubikwa ukuthi uSbongakonke wabulawa ngokuklinywa, unina wavalelwa amahora amaningi eshaywa, eshiswa ngamanzi abililayo nange-ayina futhi egencwa ngefosholo ekhanda.
Emuva kwalokho izidumbu zababiili kuthiwa zagxishwa epotimendeni elikhulu kwase kubizwa uLamula, owahamba wayozilahla ehlathini eliseduze komgwaqo eduzane komfula KwaDabeka, eClermont.