LISHESHE laguqa namuhla icala lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates kuvela izindaba zommeli omusha ozomela abanye abasolwa.
Inkantolo eNkulu ePitoli yamukele u-Advocate Sipho Ramosepele ozomela umsolwa wokuqala nowesibili kuleli cala.
Lo mmeli uthe wathola ucingo oluvela kumzali womsolwa wokuqala u...Sibiya emyalela ukuthi ufuna amele indodana yakhe, wase eveza ukuthi usazoxhumana nomndeni womsolwa wesibili uBongani Ntanzi owakhula noSibiya ukuzwa ukuthi lo mmeli angalusingatha yini nodaba lwakhe kuleli cala.
“Ngithole ucingo ngoLwesine ngisenkantolo eRandburg ngaziswa ngaleli cala kodwa kungakaqinisekiswa lutho. Ngiphinde ngathola olunye ucingo ngoLwesihlanu ngisaqhubeka nokuqula icala eRandburg,” kusho uRamosepele ephendula umbuzo wejaji uTshifhiwa Maumela ozwakalise ukunengwa ngokuthi kungani lo mmeli engaxhumananga nozakwabo ngeledlule athole yonke imininingwane ayidingayo ngoba sekuzobambezeleka icala okulindeleke ukuthi liye ekhefini ngomhla ka 2 Disemba.
U-Advocate TT Thobane uzoqhubeka nomsolwa wesithathu nowesine kanjalo no-Advocate Z Mshololo uzoqhubekka nomsolwa wesihlanu.
Namhlanje bekulindeke ukuthi kwamukelwe ufakazi omusha kuleli cala. Yize uMbuso ungaphumelanga obala ngokuthi ngubani ufakazi, kodwa kuvelile ukuthi ukhona enkantolo namuhla, futhi kubonakale nommeli omusha obekhona okusoleka ukuthi ungummeli walo fakazi.
Icala lihlehliselwe umhla ka 2 Meyi 2023 kuze kube wuMeyi 26 2023.