LIZOQALA ukuqulwa ngonyaka ozayo icala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
INkantolo eNkulu ePitoli isibeke eceleni izinsuku ezintathu okuzolalelwa ngazo icala elifakwe ngabaphikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Ngokwesivumelwano sezinhlangothi ezithinteka ecaleni, lizolalelwa ekupheleni kukaMeyi, likapakele ekuqaleni kukaJuni.
Lokhu kuqinisekiswe wummeli womunye wabasembangweni wesihlalo sobukhosi, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, uMnuz Johann Hammann.
UHammann uthe ngokwesivumelwano esithathwe emhlanganweni wazo zonke izinhlangothi ezithintekayo, ukulalewa kwecala kuzoqala ngoMeyi 31 kuze kuphothulwe ngoJune 2.
La macala aphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu.
Elokuqala, lafakwa wuMntwana uMbonisi kaBhekuzulu nabanye.
Elesibili, lafakwa wuMntwana uSimakade.
UHammann uthe bavumelene ngokuthi amacala ahlanganiswe.
“Lokho kusho ukuthi la macala asezolalelwa kanyekanye, ngeke esalalelwa ngokwahlukana. Lokhu kwenzelwe ukonga isikhathi ngoba vele amacala ayinto efanayo.”
Imizamo yokuzwa ukuphawula kommele iSilo, uMnuz Musa Ntsibande, kayizange iphumelele.
Kanjalo nemizamo yokuzwa uvo lomele uMntwana uMbonisi nahambisana nabo kayiphumelelanga.
Leli cala akusilona lodwa elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizokuba sezithebeni zenkantolo kulo nyaka.
INkantolo yamaCala aDlulisiwe izophinde ilalele amanye amacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Lawa ngamacala achithwa yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu, kepha abamangali bawadlulisela phambili. Ahlukene kabili.
Elokuqala, lalifakwe wuNdlunkulu Sibongile Dlamini wokuqala kaMdlokombane, obefuna ukuthola uhhafu wamafa eSilo uZwelithini ngoba ethi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Icala lesibili, lalifakwe ngabaNtwana uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, basesigodlweni KwaKhethomthandayo.
Abantwana babephonsela inselelo incwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu ukuba yibambabukhosi.
INdlunkulu kaZulu ihlukene phakathi ngokufanele angene esihlalweni sobukhosi njengoba kukhona abeseka ukuqokwa kweSilo uMisuzulu, bese kuba khona abeseka uMntwana uSimakade, bobabili abazalwa yiSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Kuphinde kuvele nohlangothi olweseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.