INKANTOLO ibeke uNovemba 29 waba wusuku okuzokwenziwa ngalo izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala lokukhwabanisa izigidi zamaRandi elithweswe owayengumkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni.
ULt General Ngobeni uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu nosomabhizinisi uMnuz Toshan Panday, izihlobo zikaPanday nababengamaphoyisa.
Basolwa ngokukhwabanisela umbutho wamaphoyisa u-R47.3 million wethenda yendawo okwakuzohlala kuyo amaphoyisa esifundazwe ngesikhathi seNdebe yoMhlaba yeFifa ngo-2010.
Ngokusho kweNPA, ithimba labameli bakaPanday lifake isicelo esiphoqa ukuthi uMbuso ulinike imininingwane ethile ethinta icala.
Inkantolo ithe lesi sicelo sizolalelwa ngo-Okthoba 23 nonyaka.
Bonke abasolwa bangaphandle ngebheyili. Emacaleni abathweswe wona kukhona elokukhwabanisa, elenkohlakalo, elokufumbathisa nokushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni.
Ngo-Ephreli nonyaka uphiko olushaqa impahla, i-Asset Forfeiture Unit lutheleke kungazelele muntu emizini yabasolwa, lwathatha izimoto, impahla nefenisha knokusho nemali.
Lokhu bakwenze begabe ngencwadi yenkantolo ebanikeze igunya lokuthi bashaqe impahla yenani likaR47.3 million.
Abanye abasolwa abathathelwa impahla nguColonel Navin Madhoe, uCaptain Ashwin Narainpershad, unina kaPanday, uNkk Arvenda Panday, uNkk Privisha Panday (owayengunkosikazi wakhe), uMnuz Seevesh Maharaj Ishwarkumar (ongusibali wakhe) noNkk Kajal Ishwarkumar (udadewabo) noMnuz Tasleem Rahiman (owayengumsizi wakhe emsebenzini).
Icala ladonsa amehlo abantu abaningi kusukela uNkk Ngobeni ezinikela ngokwakhe emaphoyiseni ngonya u-2020.