UZOLUNGISWA ngoR21 million umgodi osemgwaqweni uP457 eNhlungwane, oxhumanisa indawo yaseNanda neNtuzuma, ophenduke undabamlonyeni kukhalakathela imoto kathisha owafa ujuqu.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu yethule ngokusemthethweni usonkontileka olungisa lo mgwaqo owacekelwa phansi yizikhukhula ngo-Ephreli 2022.
UKaunda uthe luzothatha izinyanga eziyisithupha uhlelo lokulungiswa kwalo mgwaqo.
Kwethulwa lo sonkontileka nje, uhulumeni waKwaZulu-Natal usanda kujuba uphenyo ngesehlakalo okwashona kusona uthisha kulo mgwaqo.
Ngenyanga edlule kuleli bhuloho kushone uthisha, uNoxolo Khumalo (26), owayevakashele izihlobo zakhe esuka eGoli lapho ayekade efundisa khona.
Umufi wakhalakathela kulo mgodi ngemoto yakhe njengoba kubikwa ukuthi zazingekho izimpawu nezivimbezelo ezazikhombisa ngobungozi nokuthi akuhanjwa kulo mgwaqo.
UKaunda ubekade ephahlwe yizikhulu zoMnyango wezokuThutha esifundazweni, abemboni yezothutha nabamele amahlelo ehlukene emphakathini ngesikhathi ethula usonkontileka.
“Ukulungiswa kwalo mgwaqo kuzokwehlisa umthwalo kubantu abahamba amabanga amade ngaphambi kokuthi bafinyelele kalula ezindaweni ezifana nasenxanxatheleni yezitolo, iBridge City, nakuthelawayeka uM25,” kusho uKaunda.
Lo mholi uthe into ebambezele ukulungiswa kwaleli bhuloho, emuva kokuqokwa kukasonkontileka, ukuthi uMnyango wezeziMali kudingeke uqale uqinisekise yonke into nokuthi le mali izosetshenziswa ngendlela efanele.
UKaunda ube esenxenxa umphakathi ukuthi uthobele imithetho yomgwaqo nokuthi uma kufakwe izimpawu noma izivimbelo zokuthi kungadlulwa, bangalokothi bazisuse.