KULINDELEKE ligwetshwe ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini isosha elilahlwe ngamacala, elokubulala nelokuzama ukubalala esigamekweni esenzeka ngo- 2017.
UThembinkosi American Ngcobo (28) bekulindeleke ukuthi agwetshwe namhlanje yile nkantolo, kodwa kwahlehliselwa ikysasa njengoba kuvele ukuthi iJaji uShyam Gyanda ophethe icala uyagula.
Ngesonto eledlule leli jaji limlahle ngamacala abhekene nawo, kulandela ukudubula abulale umlamu wakhe uNksz Nokwanda Mbambo bekubo eNtuzuma kwathi omunye uNksz Nonzuzo Mbambo walima kulesi sehlakalo. Kuthe kungakaqalwa nokuqulwa kwecala uNonzuzo nonina uNksz Nomusa Mbambo bahlaselwa babulawa ngokudutshulwa besekhaya.
UNgcobo kuthiwa wasuka enkanjini yamasosha ese-Upington washayela waze wayofika kubo kwentombi yakhe uNksz Nontokozo Mbambo ongunina wengane yakhe, ngoba egajwe yisikhwele ngemva kokuthi ezwe amahlebezi okuthi intombi yakhe ibonakale iphethe ingane yakhe igibele emotweni yenye indoda.
Kuthiwa wayehlose ukubulala intombi yakhe bese eyazibulala. Ngokobufakazi obuthulelwe inkantolo nguNtokozo (unina wengane yakhe), phambilini uthe wayegibela imoto yomfundisi wakhe owayezama ukumbalekisa ngemva kwezinsongo ezenziwa uNgcobo owayesabisa ngokuthi ufuna ukubafundisa isifundo.
Ngesikhathi likhipha isehlulelo ngesonto eledlule ijaji lithe kungenzeka ukuthi ukubulawa kukaNonzuzo nonina kwakuyindlela yokucima ubufakazi njengoba uNonzuzo ubengufakazi oqanda ikhanda kuleli cala.