KUBIKWA ukuthi iGagasi FM selihlome ngoKhaya Mthethwa ongumculi wokholo, oke wasebenza kwiMetro FM.
Iningi labantu limazi ngezinhlelo zokholo azethula kwithelevishini nokuthi ngo2012, wawina umncintiswano womculo, i-Idols SA.
mthombo weSolezwe ngeSonto osondelene nodaba uthi uKhaya uzongena ngo12 kuya ku-3 ntambama ebambisene noDJ Sonic. UFlymotion odume ngamahlaya, uzolushiya uhlelo ngoba usezokuba yingxenye yethimba elihlela i-podcast yalo msakazo.
UFelix Hlophe oshayela uhlelo lwasekuseni uyabuya kodwa uzolwethula noMinnie Ntuli uhlelo. UMinnie akamusha emsakazweni, uke wasebenza kwi-East Coast Radio futhi ungumculi.
UNjabs obengena noFelix, uzokwenza eminye yemisebenzi yangaphakathi. Uhlelo lwantambama alushintshanga kuzobuya uZisto kodwa ozoke athi ukunyamalala ngoba kumele ayobeletha. UHeazy noKhaya Dladla bazoqhubeka nohlelo kuze kubuye uZisto.
Igagasi FM belinezinhloso zokuthi uZisto abanjelwe ngumuntu oqhamuka ngaphandle, kuphakamiswe amagama ambalwa okubalwa uMinnie Dlamini, Ntando Duma noLasizwe kodwa akucaci ukuthi lokhu kuzogcina kwenzekile.
Esinye isifiso osingase singaphumeleli ngesokuqasha uDJ onegama, uSthelo the Deejay.
Umthombo weSolezwe ngeSonto ukuqinisekisile ukuthi uNomfundo Clarissa noKhulekani Mbambo ngeke besaba yingxenye yohlelo olungena ngo-9 ekuseni luphele ngo-12. UNomfundo ushiyile, uKhulekani ungomunye wabazogxila kwi-podcast. Umthombo uthe kungenzeka uhlelo lunikwe abanye babasakazi abathathwe kwiDurban Youth Radio. Kuvela ukuthi umsakazo ulande uLwandle Masoka, Hamza Luthuli noNkuli Mbatha.
Okunye okuphawulekile ngezinguquko zeGagasi FM kube wukubuya kukaHope Mbhele, oshiye lo msakazo wajoyina iMetro FM. Kuthiwa uzozwakala ngezimpelasonto.
Omunye umsakazi obengekho ezinhlelweni zabaphathi kube nguJinga Mpanza, obenza iTop 40, ayivuselelwanga inkontileka yakhe.
USphe Live, usezoshayela lolu hlelo.Kuthintwa okhulumela umsakazo, uKhulekani Shandu mayelana nezinguquko, uthe ucele abantu kanjalo nabezindaba bababekezelele.
“Akukho engingakuqinisekisa noma ngikuphike kulokhu okubekayo. Engingakusho wukuthi ngoLwesine sizolukhipha uhlu lwabasakazi esizosebenzisana nabo kulo nyaka omusha wezimali esizowuqala,” kubeka uKhulekani egcizelela ekutheni makulindwe uLwesine.