UMBUSO usho zisuka amadaka ukuthi uzophikisa ukuthi lidedelwe ngebheyili iphoyisa elisolwa ngokubulala owesifazane ebelithandana naye, ebese kubalwa amahora ukuthi abelethe amawele amathathu.
U-Sergeant Mbuyiseni Gema (48) uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseXobho ngoLwesihlanu.
Uthweswe icala lokubulala uNksz Busisiwe Mathembi Ngcobo (35) isidumbu sakhe esatholakala ngo-Agasti 14, eceleni komgwaqo ebangeni eliyikhilomitha ukusuka kubo sisontwe intamo.
UGema, ongumseshi esiteshini saseXobho, uboshwe ngo-Agast 18 kanti kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesine enkantolo yakule ndawo.
Kuthiwa umufi wagcina ukubonakala ephila ehamba noGema ngo-Agasti 13.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa kwamacala, iNPA, KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uMbuso uzokuphikisa ukuthi uGema akhululwe ngebheyili.
Umphakathi uvuke inj’ebomvu wamashela esiteshini samaphoyisa ufuna kuboshwe uGema obumsola ngokuthi wuyena obulale uNksz Ngcobo.
Kolunye udaba, unikezwe umbhalo wamacala athweswe wona eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo uMnuz Sibusiso Siyaya owayeshayela iloli eyashayisa iveni ethutha abafundi nothisha, kwashona abantu abangu-20 kule ndawo.
I-NPA imthwese amacala angu-20 okubulala ngokungenhloso. Icala libe selidluliselwa eNkantolo eNkulu yaseMtuba lapho selizoqulwa khona.
USiyaya kulindeleke ukuthi avele okokuqala eNkantolo yaseMtuba ngoJanuwari 22 ngonyaka ozayo.
UNkk Ramkisson-Kara uthe ngalolu suku kulindeleke ukuthi kwenziwe izethulo zokuqala kokuqulwa kwecala.
Kuthiwa isenzo sikaSiyaya ngoSepthemba 2022 saholela ekutheni umphakathi wasoPhongolo uvale thaqa ukuhamba kwamaloli kuthelawayeka uN2.
Lokhu kwadonsa amehlo kahulumeni ngisho nongqongqoshe beminyango kazwelonke abafika bezobhula umlilo.
USiyaya kubikwa ukuthi wadla phansi emuva kwesehlakalo kodwa wabuye wazinikela ngokwakhe emaphoyiseni ayesemthungatha.