LIZOBUYELA eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoFebhuwari 21 ngonyaka ozayo icala lokweqa kukaThabo Bester esitokisini.
UBester nabayishumi kwasolwa nabo bebevele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfointen izolo kodwa inkantolo yawahoxisa amacala kwabathathu.
Labo ngoNksz Nastassja Jansen, Mnuz Thabang Mier noMoeketi Ramolula. IMantshi u-Estelle de Lange ayizange asibeke isizathu sokuwahoxisa kwayo la macala kubona.
Eqhubeka uDe Lange uthe uma selibuyela enkantolo icala ngonyaka ozayo, ngeke lisaba kule nkantolo ebelikuyo kodwa selizoba kwenkulu.
UBester utshele inkantolo ukuthi ithimba labameli bakhe uzoliqinisa ngo-Advocate Zandile Mshololo no-Advocate Dali Mpofu, okungabameli abaphezulu.
Ngokusho kukaBester uMshololo noMpofu bazojoyina uMnuz Peter Matee noMnuz Jan Loubster, oqale ukumumela khona izolo, ejoyina uMatee.
“Bobabili (uMatee noLoubster) bazoba sethimbeni labangimele. Nginomuzwa wokuthi kunezinto ezimbalwa engifuna bazibheke ngakho ngizobagcina bobabili. Bazojoyinwa uMshololo noMpofu, bonke bazosebenzisana,” kusho uBester.
Isinqandamathe sikaBester, uDkt Nandipha Magudumana, besingekho enkantolo, ummeli wakhe utshele abezindaba ukuthi uyagula waze waquleka.
UMmeli wakhe, uMachini Motloung uthe uqale ukugula ngoLwesibili.
“Ngiyile ukuyombona, ngayibona inkinga. Ngihambe ejele ngibona ukuthi uyagula. Ngimangele uma sengithola ucingo kwabezindaba, bengitshela ukuthi kuthiwa uthathwe ngenkani,” kusho uMotloung.
Uqhube wathi usamangele ngendlela okuphathwe ngayo ikhasimende lakhe.
“Ngisho nabamangalelwa banawo amalungelo. Njengamanje sihleli nomuntu ogulayo, olele laphaya phansi (ezitokisini zenkantolo), asikaze siyibone into enje,” kusho uMotloung.
Uthe ngokujwayelekile, uma umuntu egula, enobufakazi, icala liyahlehliswa.