LIZOPHINDE libuyele enkantolo ngo-Okthoba icala lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANCYL, uMnuz Sindiso Magaqa, eliqulwa enkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Lokhu kuvunyelwane ngakho izolo emva kokuthi abashushisi becele ukunikezwa isikhathi sokuxazulula izinto abangaboni kahle ngazo nommeli wabasolwa abathathu kulaba abane ababoshelwe leli cala.
Ukuqulwa kwecala bekukade kuqale ngenyanga edlule.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala bekulokhu kunokungaboni ngaso linye phakathi koMbuso kanye no-Advocate Shane Matthews, omele abasolwa abathathu.
Enye yezinto ebilokhu ibangwa wudaba lokukhonjwa kwabasolwa.
UMatthews ufuna luchithwe uhlelo lokukhonjwa kwabasolwa olwaqhutshwa amaphoyisa emva kokuboshwa kwabo njengoba ethi abanye bofakazi boMbuso bakhonjiswa izithombe kanye nama-video abasolwa ngaphambi kokuthi bababone.
Umshushisi, u-Advocate Lawrence Gcaba, uthe banethemba lokuthi zizokube sezixazululiwe zonke lezi zinkinga uma icala selibuyela enkantolo ngo-Okthoba 9.
UGcaba uphinde waphakamisa ukuthi kubekwe eceleni izinsuku eziphakathi kukaJanuwari 25 noFebhuwari 24 wonyaka ozayo, kanye neziphakathi kukaFebhuwari 26 noMashi 25, njengezinsuku okuzoqulwa ngazo leli cala.
“Ngicabanga ukuthi njengoMbuso sizodinga amasonto ayishumi ukuthi siphothule icala,” kusho uGcaba.
Lesicelo samukelwe yiJaji Faith Mlaba.
Izolo inkantolo izwe ubufakazi bomuntu owayesebenza endaweni yokuwasha izimoto eseduze nalapho kwahlaselwa khona uMagaqa.
Lo fakazi wenkantolo ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa uchaze okwenzeka ngosuku lesigameko.
Ufakazi uthe ngalolo suku waqaphela imoto ebomvu ewuhlobo lweBMW eyafika izowashwa.
“Le moto yayihamba abalisa ababili. Kwaba yimina engibamukelayo, ngababuza ukuthi bafuna ukuthi imoto yabo iwashwe kanjani. Saba nenkulumo nalona owayeshayela imoto.
“Wangibuza ukuthi siyibhala kuphi imoto esisuke siyiwasha nanokuthi yini esiyibhala phansi. Waphinde wabuza ukuthi akhona yini amakhamera lapho sibheka khona uma kulahleke into yomuntu ukuthi ithathwe ngubani.”
Lo fakazi uthe emva kokuthi le moto isiqedile ukuhlanzwa yabe isiphuma iyokuma esitobhini sebhasi esiseduze.
Uthe emva kwalokho kwabe sekufika imoto kaMagaqa, yama eduze kwale moto.
“UMagaqa waphuma wazothenga esitolo, wabuye waphindela emotweni yakhe. Emva kwalokho sabe sesizwa kuqhuma izibhamu. Sabaleka saya kocasha. Kwathi uma sekuthule ukuqhuma kwezibhamu sabe sesibuyela emuva, nokuyilapho ke engabona khona ukuthi uMagaqa ulimalile.”