LIZOVALELWA esitokisini kuze kube yisonto elizayo iphoyisa elisolwa ngecala lokubulala owesilisa, isidumbu sakhe okuthiwa satholwa sigxishwe epayipini lamanzi sesonakele, ngeledlule.
USergeant Ayanda Doctor Ntombela (42) okuthiwa usebenzela esiteshini esiseMariannhill, ubevele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngecala lokubulawa kukaMnuz Sihle Mtshare (27), obulawe ngenyanga edlule.
Kulindeleke ukuthi ngoMsombuluko, umsolwa acele ibheyili. Kuthiwa uMtshare wagcina ukubonakala ngesikhathi eboshwa ngobusuku bango-Agasti 21 okukholakala ukuthi yibona abulawa ngabo. Kuthiwa emva kokunyamalala kukaMtshare engaziwa, umndeni ubuvuka uyoqhinqa esiteshini ufuna izimpendulo okuthe ngeledlule uNtombela wagonyuluka ezivumela ngokwakhe ukuthi wambulala uMtshare wabe esezinikela emaphoyiseni ephethe neselula kamufi.
Umndeni kamufi uthe usulinde umbiko kadokotela ozocacisa indlela okwabulawa ngayo uMtshare njengoba kuthiwa isidumbu sakhe bese siqala ukonakala kodwa esagqoke izimpahla ayezigqoke ngesikhathi eboshwa.