KUMANGALE abantu enkantolo ngesikhathi uMbuso udalula ukuthi owesifazane oboshiwe uvume amacala athweswe wona, okungelokuthumba nelokudayisa uJoshlin Smith (6).
UNksz Lourencia Lombaard (32), ongumsolwa wesine ecaleni uvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseVredenburg, eWestern Cape.
Inkantolo ilihlehlisele uMsombuluko ngesonto elizayo icala ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili futhi kuqhutshekwe nophenyo.
UMbuso ukhombise zisuka wathi uzophikisana nokuthi uNksz Lombaard anikwe ibheyili.
UMbuso uthe umsolwa wenze isitatimende lapho evuma khona amacala athweswe wona, wengeza ngokuthi okuningi kuzovela mhlazane sekubuyelwa enkantolo.
Kukholakala ukuthi umsolwa ungomunye babantu abagcina ukubona uJoshlin ngelanga anyamalala ngalo ngoFebhuwari 19, nonyaka.
Ungene enkantolo igcwele abesebenzi bayo, amaphoyisa, nabezindaba ebukeka edidekile. Ucele ukuba atolikelwe ngesiBhunu konke okukhulunywa enkantolo.
Abanye abasolwa ecalemi bagqunywe ezitokisini, kubalwa unina kaJoshlin, uNksz Kelly Smith, isoka lakhe uMnuz Jacquen Appolis, noMnuz Steven van Rhyn.
Bobathathu batshela inkantolo ukuthi bayayibonga ibheyili balunge begqunywe ezitokisini, icala labo lahlehliswa. Owayengumsolwa wesine, okuyisangoma, waboshwa wavela enkantolo kepha amacala ahoxiswa.
Bekuthulekile ngaphandle kwenkantolo, bengekho ababhikishayo futhi kungahenqiwe ngocingo oluhlabayo njengoba kwenzeka ngesonto eledlule.
Bekunedlanzana labantu ebeliqhinqe ngaphandle kwenkantolo ligqoke izikibha ezinobuso bukaJoshlin.
Phambilini umphakathi waphuma inqina uthungatha uJoshlini kodwa wathola kuphela izimpahla ayekade ezigqokile.
Kwafika ngisho uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele kubo kwaJoshlin eSaldanha Bay, ngemva kokunyamalala kwakhe.