Lizoqala namhlanje, ngoLwesibili ukuqulwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala labesilisa abathathu baseThekwini, abasolwa ngokugasela kwiBnB eseGlenwood, babulala umnikizi wayo ngo-August 10, nyakenye.
Laba besilisa abangoBernand Langa (31), Mdumiseni Ntuli (27) noManelisi Mtshali (29) bebevele kule nkantolo ngoMsombuluko.
Kuvela ukuthi bahlasela uNksz Jackie Nedham bafika endaweni yakhe bangqongqoza bazenza abantu abazofuna indawo yokulala.
Kuthiwa kwathi sebengaphakathi baqale ngokumshaya ngaphambi kokuba bambulale ngokumklinya ngaphambi kokumnquma imilenze, bamshiya kanjalo.
Ngemuva kwalokho, kuthiwa bakhala bemuka nesamba semali esikhulu esingazange sidalulwe. Kunezimpahla okuvela ukuthi babaleka nazo.
Ungqondongqondo waleli tulo kuvela ukuthi ngumsolwa wokuqala uLanga, okuthiwa kwase kuphele isikhathi eside kakhulu engumsebenzi kule BnB.
Kuthiwa wacela umsolwa wesibili nowesithathu ukuba bamlekelele ukuze kuphumelele itulo lakhe. Kuvela ukuthi wabathembisa ukuthi bazohlomula imali enhle uma bemlekelela.
Kuthiwa babaleka nemoto ewumbala omnyama yakhe umufi. Ngemuva kwesikhathi esingangenyanga, babe sebekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
Ngosizo lwamakhamera akule Bnb kuvela ukuthi yiwona avezela amaphoyisa konke okwenzeka ngalelo langa lwesigameko.
Nyakenye, kuvele ukuthi bazama ukufaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yabenqabela ikhala ngezizathu ezingazwakali kahle abazibeka zokuthi bangathola ibheyili.
"Icala lenu lizoqala ukuthi liqulwe kusasa (namhlanje),'' kusho iJaji uRadebe.
Abasolwa bobathathu bebebonakala bejulile ngokomqondo bethule, kwesinye isikhathi bebonakala sabantu abadidekile emqondweni.
Ngesikhathi sebehla kuhlehliswa icala babonakale bephakamisa izandla bebingelela izihlobo zabo ebezingaphakathi zizobeseka.
Kuvela ukuthi bobathathu kungenzeka kube khona amanye amacala anezezelwayo phezu kwaleli lokubulala.
Ngaphandle kwecala lokubulala, babhekene necala lokugqekeza nelokweba.
Umshushisi u-Advocate Dernado MacDonald, uthe kuhle ukuthi leli cala selizoqala ukuqulwa.
Kuvela ukuthi kukhona nomunye umsolwa wesine okungenzeka naye agcine esebajoyina ngokuhamba kwesikhathi.