LIYAMSHONELA umengameli Cyril Ramaphosa njengoba iqonga ingcindezi yokuthi abeke phansi izintambo zokuhola izwe emva kokuba ithimba elijutshwe yiPhalamende lithole ukuthi kunamacala okumele aphendule kuwona ngokutholakala kwemali engamadola epulazini lakhe eliseLimpopo iPhala Phala.
NgoLwesine bekumele aphendule imibuzo emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende kodwa usihlalo wale ndlu uMnuz Amos Masondo wathumela isigijimi kwabezindaba sokuthi ngeke esavela.
UMasondo uthe uRamaphosa uthumele incwadi eveza ukuthi kumele abhekisise izincomo zaleli thimba eliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi uSandile Ngcobo, ukuze anqume ngokumele akwenze.
“Siyasamukela isicelo sakhe sokuthi angayiphenduli le mibuzo, kuzobekwa olunye usuku.”
Nomkhulumeli wakhe uMnuz Vincent Magwenya, uhlehlise isithangami sabezindaba obekumele sibe ekuseni namhlanje emuva kwezincomo zethimba likaNgcobo.
Amaqembu afana ne-EFF, Action SA nabanye abaholi sebephumele obala bathi kumele ahoxe esikhundleni.
I-EFF ithe izokwenza impilo yakhe ibe nzima njengoba izomphazamisa lapho ezokhuluma khona.
Umengameli we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uthe kudingeka asule uRamaphosa noma abhekane nevoti lokungabuthembi ubuholi bakhe ePhalamende.
Uthe bebelokhu beshilo ukuthi indlela aziphethe ngayo ayihambisani nehhovisi akulona yingakho kumele asule.
“Bengilokhu ngisho ukuthi akekho omsulwa kwi-ANC. Le nhlangano eyezigebengu kanti lokhu kufakazelekile ngalo mbiko wakamuva. Izwe lidinga umuntu ozophatha ngendlela enobuqotho futhi kucacile ukuthi lowo muntu akekho kwi-ANC.”
NoDkt Nkosazana Dlamini Zuma, osembangweni wokuhola i-ANC ekhuluma ne-ENCA, uthe ucabanga ukuthi kumele ahoxe ekubeni umengameli wezwe njengoba ithimba ebelijutshwe yiPhalamende lithe kumele aphendule.