USHIYE izingane ezinhlanu uSibusiso Zikalala odutshulwe yiphoyisa esigamekweni esisabalele izinkundla zokuxhumana eBraamfontein, eGoli, ngeledlule.
USibusiso Zikalala oyiphoyisa likaMasipala waseGoli ubonakala kuma-video ezungeza izinkundla zokuxhumana, ehilizisana nowesilisa osemotweni okugcine kutholakala ukuthi ungaphansi kombutho wamaphosa.
Yize kungacaci ukuthi isukephi ingxabano kodwa uZikalala ubonakele eyisimbelambela efuna lo wesilisa aphume emotweni nesakhe isibhamu.
Ingxabano yabo iphethe ngokufa kwakhe uZikalala odutshulwe nguyena lo wesilisa obesemotweni.
Kuningi osekukhulunyiwe ngalesi sehlakalo kanti abaningi, abanye bethi uZikalala ubesebizwa wukufa ngoba asikho isizathu esingenza umuntu agcwaneke nesibhamu esandleni uma enengxabano nomunye umuntu ebe engazi ukuthi lowo muntu yena uhlome ngani.
UZikalala ungowaselokishini iNaledi, eSoweto, kanti ubesebenza ngaphansi kophiko lwe-K9. Kuthiwa uneminyaka engu-16 esebenza embuthweni.
UXolani Fihla okhulumela amaphoyisa kamasipala iJMPD, uthe uZikalala wayesebenza ngaphansi kombutho obucayi nobaluleke kakhulu, elwa nabashushumbisi bezidakamizwa.
Umndeni wakwaZikalala uthi lokhu okubonakala kuma-video akuchazi uhlobo lomuntu abewuyena. Lo mndeni unxuse abantu ezinkundleni zokuxhumana ukuba bayeke ukusabalalisa le video ebuhlungu ngoba njengoba bezilile basabhekene nobuhlungu bokulahlekelwa yindodana yabo abebeyithanda.
Inkonzo yomngcwabo wakhe ibibanjelwe eMthombo Wolwazi eDobsonville, anduba ayofihlwa emathuneni aseWestpark, eRandburg, eGoli, ngeSonto emini.