LIYIBONGILE ibheyili okwamanje isosha lombutho wezempi waseNingizimu Afrika eliboshelwe icala lokubulala inkosikazi yalo ePinetown, eThekwini.
UMnuz Lwanda Mxolisi Zungu (37) ubekade evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
Utshele inkantolo ngomlomo wommeli wakhe, uMnuz Lindo Mthembu, ukuthi ngeke asifake isicelo sebheyili okwamanje.
UZungu ube esebuzwa yiMantshi u-N Dlamini ukuthi lokhu okuchazwa ngummeli wakhe kuyikho yini, nebala wavuma.
Leli sosha leSA National Defence Force lisolwa ngokudubula amahlandla amaningi libulale inkosikazi yalo, uNkk Tania Msane-Zungu (36) ngoJanuwari 3, nonyaka.
Kube sekusukuma umshushisi Nomcebo Xulu, wathi uMbuso awukaluphothuli uphenyo lwawo.
Kokunye akubalulile umshushisi wukuthi kusazothathwa izitatimende ezibhalwe phansi zofakazi, kwenziwe uphenyo ngesibhamu sikaZungu nokuthi asikaze sisetshenziswe ezenzweni zobugebengu futhi kusalindwe umbiko kadokotela owahlola isidumbu.
UDlamini ube eselihlehlisela uMashi 11, nonyaka, icala wathi uZungu akagcinwe ezitokisini.
UZungu oqatha ngomzimba, ungene enkantolo eshesha, egqoke amateki nehembe elimhlophe, ibhantshi nebhulukwe elimnyama.
Ubephucile ekhanda emi ebhokisini labasolwa, waqale wajeqeza emuva kwakhe ebuka abantu abebekade bengena enkantolo bezokwethamela icala.
Inkantolo ibikade igcwele abantu abebekade bezokweseka umndeni kamufi, kukhona nabesifazane bewudlubhe uphelele umfaniswano we-ANC.
Indodana kaZungu eneminyaka engu-15, iyalelwe yiphoyisa lenkantolo ukuba ilinde emnyango ngenxa yokuthi kazivunyelwe izingane ezincane ukuba zilalele amacala.
Ilungu lomndeni kaZungu, elicele kugodlwe igama lalo ngenxa yokwesaba, lithe konke bakubeke ezandleni zomthetho ukuba udlale indima yawo.
“Sasishilo ekuqaleni ukuthi asihambisani nendlela enza ngayo. Umthetho awudlale indima yawo kukhona konke,” kusho ilungu lomndeni ngezinqamulelayo.
Phambilini, umndeni kamufi wasola uZungu ngokuthi ubewumuntu onendlakadla emshadweni futhi bafuna inkantolo imncishe ibheyili.
Ngakolunye uhlangothi, ilungu lomndeni kaZungu lathi umsolwa ubulale inkosikazi yakhe emveni kokuthi etholile ukuthi uphinga nomuntu amaziyo.