KUSHENXISWE emsebenzini izikhulu ezimbili zoMnyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, mayelana nethenda ka-R79 million yokulungiswa kophahla lwezibhedlela ezine.
UMnuz Steve Bhengu ongumkhulumeli womnyango noMphathiswa uMnuz Martin Meyer, uthe imibiko yesikhashana iveza ukuthi lezi zikhulu ziyabandakanyeka odabeni lokungahanjiswa ngendlela efanele yethenda.
UBhengu uthe ithenda eyokushintsha itsheboya (asbestos) ezibhedlela ezine esifundazweni.
“UMnyago uthole umbiko ngalo msebenzi kwavela ukuthi kunezinsolo ezikhona. UMphathiswa uMeyer ube esejuba ukuba kuqalwe uphenyo, izikhulu ezimbili zamiswa emsebenzini,” kubeka uBhengu.
Kuvela ukuthi kunengede enike umnyango umbiko ngo-Okthoba 17, owabe usudluliselwa kuMeyer ukuba awufakele izibuko.
Kubikwa ukuthi emva kwezinsuku eziyisishigalolunye kucutshungulwa umbiko, inhloko yomnyango ibe isimisa emsebenzini izikhulu ngoLwesihlanu ukuze kuqalwe uphenyo olunzulu.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi uMeyer uzimisele ekutheni kwenziwe izinto ngokuvuleleka nangendlela eqotho emnyangweni. Ubonga izingede ezihlinzeka umnyango ngemininingwane emqoka,” kusho uBhengu.
Uqhube wathi uMeyer uzibophezele ekutheni kuvikelwe futhi kwesekwe izingede ezilekelela ummyango ukulwa nenkohlakalo nokungahanjiswa ngononina kwezinto.
Lo mnyango uthe izindaba zivele ngesikhathi lapho uqinisa izinhlaka zokulwa nenkohlakalo futhi uqhamuka namasu amasha azokwenza kube lula ekutheni izingede zibike ngokukhululeka.
Kuvela ukuthi uMeyer uzokwethula ngokusemthethweni lezi zinhlelo kungekudala.
UMeyer usanda kuphumela obala wathi bazothwala kanzima abantu okuyotholakala ukuthi bayathinteka ezenzweni zenkohlakalo nobugebengu kulo mnyango, wabalula nokuthi sesiphelile isikhathi salabo abamisa imisebenzi yokwakhiwa futhi kuthuthukiswe izakhiwo ngoba befuna intshontsho.