USOLWE ngokungawenzi umsebenzi wakhe wokuba yiphoyisa ngesikhathi ehleli ehostela eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014 ufakazi ophoswa imibuzo ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
Lo fakazi, uConstable Sizwe Zungu ubephoswa ngemibuzo ngu-Adv Zithulele Nxumalo, ongummeli kammangalelwa wesine uMnuz Mthokoziseni Maphisa.
UNxumalo ubuzisise uZungu ngobufakazi ake wabethula phambilini ngesikhathi eholwa ngumshushisi woMbuso u-Adv George Baloyi, lapho aveze khona ukuthi wathatha esakhe isibhamu wasinuka, ebheka ukuthi asisetshenziswanga yini ebugebengwini.
“Yebo, ngangifuna ukubona ukuthi abaganganga yini ngaso. Wazinuka yini lezi ezinye ezimbili, othi abamangalelwa babezinika uGwabini?” uNxumalo ejikijela omunye umbuzo.
“Cha, angizinukanga. Ngangizozinukelani izibhamu okungezona ezami,” kubuza uZungu.
UNxumalo uphendule ngelithi akamuzwisisi kahle uZungu, ukuthi uqonde ukuthini uma ebuza lowo mbuzo ngoba uyiphoyisa lomthetho.
“Ngiyaqonda ukuthi awufuni ukuzifaka enkingeni ngokuphendula eminye imibuzo ethile kodwa kuyamangaza ukuthi uthi uyiphoyisa ubona kushintshiswana ngezibhamu phambi kwakho kodwa ungenzi lutho ngalokho,” kusho uNxumalo.
UZungu uqhube wathi ucabanga ukuthi njengoba ela enkantolo yingoba eyiphoyisa lomthetho.
“Kodwa okubalulekile wukuthi kawenzanga lutho ngaleso sikhathi,” kusho uNxumalo.
“Okubalulekile wukuthi kukhona engigcine ngikwenzile ngalokho,” kuphendula uZungu.
“Engikhathazeke ngakho wukuthula kwakho nokwazi olungaka, ube uyiphoyisa. Kwakumele ingabe wenza okuthile ngolwazi owawunalo. Leli cala ngabe lathethwa ngo-2014” kusho uNxumalo.
Icala liyaqhubeka.