LISINDE ngokulambisa lisocongwa ikhansela le-ANC kuMasipala waseMkhambathini, elibuye libe nguNobhala wenhlangano egatsheni.
Imoto kaMnuz Ganono Gilanyoni, oyikhansela ku-ward 7 ngaphansi kwalo masipala, isale izimbobombobo yizinhlamvu. Kusolakala ukuthi abasolwa bebefuna ukuqeda ngaye, esigamekweni esenzeke ngeSonto ntambama, eMahleka, eMbumbulu.
“Bengihambele umcimbi wengoma obukule ndawo eyibanga elingaqhelile kakhulu nendawo engiyikhansela kuyo. Ngesikhathi kuqala ukushona ilanga sisabuka, ngizwele amakhaza ngase nginquma ukuyolanda ijakhethi emotweni kanti kusho ukuthi bebekhona abebengilandela,” kulanda uGilanyoni, ngesigameko.
Uqhube wathi ngesikhathi engena emotweni ethatha ijakhethi, ubuye wakhumbula ukuthi uyibeke esihlalweni esingemuva wasedlulela kuso. Abasolwa bavulele ngentululwane yezinhlamvu bebhekise ngasesicabheni sikamshayeli, wavula isicabha esingemuva wangena ehlathini eliseduze, waphuma engenamyocu.
“Okwamanje angikwazi ukuphawula noma yisenzo sobugebengu okukanye kuthinta ipolitiki, sizolinda amaphoyisa aphenye” lisho kanje ikhansela.
Ngokusho kwekhansela akusona isigameko sokuqala lihlaselwa. Lithi ngo-2021 kwahleselwa kubo, kwagcina kushone umuntu oyedwa owayeyisisebenzi, edutshulwa ngabasolwa.
Ukuhlaselwa kwakhe kwenzeka ngesikhathi kumenyezelwa izibalo zobugebengu kuleli zekota yokuqala yonyaka-zimali u2023/2024 ezethulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele.
Kulo mbiko kudalulwe ukuthi amacala okuzama ukubulala abikwe emaphoyiseni anyuke ngo-7% phakathi kuka-Ephreli noJulayi, bathi awu- 5 969 abikiwe uma eqhathaniswa nawu- 5 576 abikwe ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe basalindele imininingwane ngesigameko sokuhlasela. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayidalulanga imininingwane ephephandabeni.