USIHLALO wekomiti loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ePhalamende, uMnuz Fikile Xasa, uthe zonke izikhalazo zomphakathi waKwaZulu-Natal, ezithinta ukuklanywa kwemingcele nohulumeni, bazozidlulisela ezinhlakeni ezifanele ukuze zibhekwe.
UXasa ukusho lokhu emva kokuphothulwa kwezigcawu zokulalelwa kwemiphakathi ehlukene esifundazweni mayelana nokuklanywa kwemingcele kuleli.
Uthe ezindaweni abazihambele imiphakathi ikhale ngezinto eziningi ezithinta nokugqoza kokulethwa kwezidingo.
“Siwutshelile ukuthi zonke izikhalazo ezithinta ukuklanywa kwemingcele zizozidluliselwa kwiMunicipal Demarcation Board, ezinye kuhulumeni kazwelonke nowesifundazwe. Ziningi iziphakamiso esizitholile, ikakhulu ngokushintshwa kwemingcele.”
Ezinye zazo uthe isikhalazo ngokuthi akukho ukuxhumana nomphakathi ikakhulu eThekwini ngendaba ethinta ukuklanywa kabusha kwemingcele.
Uthe abantu bakhale ngokuthi kudingeka ibhekelelwe eyokuthi uma kunezinguquko kungaphazamiseki ukulethwa kwezidingo.
“Umphakathi ukhale nangokuthi uma kuklanywa imingcele kumele ibhekelelwe eyokukhula komphakathi kusetshenziswa izibalo zeCensus. Abanye bakhale ngokuthi bazithola bevela emawadini amabili,” kusho uXasa.
Uthe kube nesiphakamiso sokuthi imifula, izintaba nemigwaqo kumele kube yizona zinto ezizosetshenziswa yileli bhodi uma liklama imingcele ukuze kungabi nokudideka emiphakathini.
UXasa uthe njengoba behambela izifundazwe ezehlukene bahlose ukuthola ukuphawula ngokushintshwa kwegama lebhodi lemingcele libizwe nge-Independent Municipal Demarcation Authority.
Uqhube wathi kuzobe sekusungulwa neDemarcation Appeals Authority, lapho umphakathi uzokwazi ukufaka khona izikhalazo zawo ngezinto ongeneme ngazo.
“IKZN yisifundazwe sesine esisihambele. Sifuna ukuphothula izigcawu ngaphambi kokuphela kwenyanga ezayo. Kuhlukane imibono njengoba abanye bebethi akumele sishintshe igama lebhodi kodwa kuqiniswe lapho kunokuntenga khona.”
Uthe labo abangaphumelelanga ukuzokwenza izethulo ngomlomo, bangababhalela ungakashayi u-Agasti 29, 2023.
Bangathumela i-email [email protected].