BELUBUQONDA kahle ubungozi bomsebenzi eliwenzayo iphoyisa elishonele endaweni yesigameko, ngesikhathi amaphoyisa etholana phezulu nabasolwa ngoLwesibili ntambama, kwa-C eNtuzuma.
UWarrant Officer Sthembiso Mazibuko (40), obesebenza ngaphansi kophiko lwamaphoyisa iNational Investigation Unit, kuthiwa ubevamisile ukusho ukuthi ngenxa yokushisa kwensimbi okubangelwa ubucayi bomsebenzi wamaphoyisa, kuyokwenzeka ngelinye ilanga ahambe ekhaya balindele ukuthi uyabuya kodwa agcine engabuyanga. Kuye ngamagama enkehli.
Lokhu kuvezwe nguninomncane uNksz Cabangile Gumede, ngesikhathi Isolezwe lihambele kubo kamufi izolo, kwa-C KwaMashu.
"Ubeke akusho ukuthi ngenxa yobucayi bomsebenzi, uyohamba angabuyi, kodwa sikuthatha njengokuthi uyazikhulumela nje. Singazi ukuthi usho into ezogcina yenzeke ngempela. Ubengumuntu ozithobile, ethanda ukufunda eqhubekele phambili futhi ewukhathalele umndeni wakhe. Ubugebengu busemuke yena, ngikholwa ukuthi ngendlela osebudlange ngayo sekufanele okungenani kutshalwe amasosha ukubhekana nabo,’’ kubalisa uNksz Gumede.
UMazibuko obeneminyaka ewu-16 esebenza njengephoyisa, kuthiwa uqale wasebenza iminyaka embalwa ngaphansi kombutho wezokuvikela kuleli iSouth African Defence Force, wabe esejoyina umbutho wamaphoyisa.
Ushona nje, ubehlala nomkakhe nezingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwemibili nengu-13, emzini wabo oseMzinyathi, ngaseNanda.
Isolezwe lihambele emzini wakhe lapho bekugcwele omakhelwane abebezobhonga emswanweni, nezikhulu zamaphoyisa
Uyise omdala uMnuz Zamokuhle Mazibuko, obesula izinyembezi ngenxa yobuhlungu athe bayabuzwa bewumndeni, uthe ufisa ukuthi uma kukhona abasinde kulesi sigameko, amaphoyisa ababophe bajeze ngokushesha.
“Ubuyile ngezikhathi zasemini ezobheka unkosikazi nezingane, washo ukuthi bayosebenza eNtuzuma, lapho belunywe khona indlebe ngabathile ngezigebengu kodwa akabange esabuya. Kwafika nje umbiko osazisa ukuthi uselinyaziwe,‘’ kuchaza uMazibuko, uyise omdala.
Uqhube wathi batshelwe ukuthi nguyena obesekhaleni ehola ithimba ebelitholene nabasolwa, okuholele ekudutshulweni kwakhe. Kuthiwa udutshulwe ekhanda ngesikhathi amaphoyisa esanda kukhahlela isicabha sendlu obekukhona kuyo abasolwa, engena ngendluzula.
Kulesi sigameko, kulimale elinye iphoyisa ebelihamba noMazibuko elisesibhedlela kanti kwabasendlini kufe ababili besilisa nababili besifazane. Amaphoyisa aveze ukuthi oyedwa kubasolwa besilisa oshone kulesi sigameko kukholakala ukuthi uyathinteka emacaleni okubulawa kwabantu angu-12, okubalwa nawokubulawa kwamalungu abesemakomitini abhekelele obugebengu emphakathini.
Ngesonto eledlue kubikwe ngokubulawa kukaMnuz Mnakiseni Mngadi, obesekomitini elibhekelele ubugebengu eBhambayi, eNanda. Lokhu bekwandulelwe ukubulawa kwabathathu okuthiwa bebesekomitini elifanayo ezindaweni ezahlukene, okungoMnuz Moses Mbanjwa waseNanda, nababili omunye owaseNanda, omunye owaseMlaza.
Kwesinye isigameko esenzeke eMzinyathi, ngalo uLwesibilli, kulimale abasolwa abane bedubulana namaphoyisa. Kusolwa ukuthi bebesanda kubamba inkunzi esitolo saseBhamshela, eNsuze. Abasolwa kuthiwa baqashwe ngeso lokhozi esibhedlela.
UNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele, noKhomishana wawo esifundazweni uGenaral Nhlanhla Mkhwanazi, bahambele umndeni kamufi nokazakwabo osesibhedlela olimale kulesi sigameko.
Unxuse abesifazane ukuthi baziqhelelanise nabasolwa ngobugebengu ukuze bangalimali uma amaphoyisa ezama ukubopha izigebengu.
Ngesikhathi kwethula izibalo zekota yokuqala yonyaka wezimali u- 2023/2024, kubikwe ukuthi ayisithupha amaphoyisa abulewe kulesi sifundazwe kanti amahlanu kuwo abulawe engekho emsebenzini.