LIBUYELA ngonyaka ozayo eNkantolo yeMantshi yaseMtubatuba, icala lokuduka kwamadokodo elibhekene nomphathisiteshi emaphoyiseni asoLundi.
Ngokwemibiko eyayitholwe Isolezwe kumthombo walo, leli cala elibhekene noCaptain Nomusa Mtolo nomphathi esiteshini sasoLundi, uColonel Lindiwe Mdlalose, bekulindeleke ukuthi lihlale ngoLwesithathu, eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay, kodwa ngesikhathi lizifikela khona, lathola ulwazi oluveza ukuthi idokodo lecala seladluliselwa enkantolo eseMtubatuba kanti abasolwa bazovela ngoJanuwari 19, ngonyaka ozayo.
Ngokwalo mthombo, uCaptain Mtolo, kuthiwa wakhipha umyalelo wokuthi wonke amacala abikwa ngabagilwa esiteshini samaphoyisa oLundi, imininingwane yawo ingashicilelwa kwikhompyutha futhi angaqale aphenywe ngaphandle komyalelo wakhe nomphathi wabaseshi kusona.
Kuthiwa ithumba laqhumbuka ngesikhathi omunye wabaphathi kulesi siteshi ethola isikhalo esasiqhamuka kwelinye ilungu lomphakathi elalikhala ngecala osekunesikhathi lalivulwa kodwa inombolo yecala lingakaze liyithole, okuthe uma elandelela wathola ukuthi kunamadokodo angasetshenziwe afihliwe. Wavula icala ngaphakathi ukuqondisa ubugwegwe kubo bonke abathintekayo.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uNobhala weSouth African Police Union eKZN, uNkk Nesi Mdletshe, ukuqinisekisile ukuthi ababhekene namacala bangamalungu ale nyunyana, kodwa waqinisekisa ukuthi abamisiwe emsebenzini njengoba kusaqhubeka ukuhanjwa kwemigudu yangaphakathi.
Akathandanga ukuphawula ngokudluliselwa kwalo enkantolo njengoba ecele ukuthi anikezwe isikhathi sokuxhumana noliphethe ukuthola imininingwane, kodwa wangabe esabuyela entathelini nemibuzo athunyelelwe yona, wangayiphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.