UFAKAZI ophekwa ngemibuzo kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa enkantolo, izolo ubelokhu emile ekutheni yena wabuqoqa bonke ubufakazi endaweni yesigameko wabugcina endaweni ephephile.
U-Warrant Officer Mosia, ongungoti kweze-forensic ophikweni lwamaphoyisa, uthe emva kokuqoqa ubufakazi endaweni yesigameko wahamba nabo wayobuvalela esisefweni ehhovisi lakhe.
Ngesikhathi u-Advocate Zandile Mshololo ongummeli kammangalelwa wesihlanu, uMnuz Sfisokuhle Ntuli empheka ngemibuzo, ubuze uMosia ukuthi wakuqinisekisa kanjani ukuthi ubufakazi buphephile.
UMosia uthe: “Ngesikhathi ngisendaweni yesigameko ubufakazi babulokhu bukimina. Uma ubufakazi sebuqoqiwe bavalelwa kahle ezikhwameni zokubugcina, busuke buphephile,”
UMshololo efuna ukucaciseleka kahle, ubuze uMosia ukuthi ngabe usho ukuthi ubufakazi bahlala naye ubusuku bonke yini. UMosia uphendule wathi ngaphambi kokuba agoduke, ubufakazi wabuyisa esisefweni sakhe emsebenzini.
“Ukhiye wesisefo wawukimina nokhiye wehhovisi lami nawo wawukimina,” kuchaza uMosia oveze ukuthi ngesikhathi afika ngaso ehhovisi lakhe, umabhalane wayeseshayisile, kwakungeke kwenzeke ukuthi abudlulisele kuyena bese eyasayina.
“Okwakulula wukuthi ngikwenze kwakuwukuthi ngibuvalele esisefweni. Kwathi ekuseni kwaba yima ngibudlulisela kumabhalane ukuthi abusayinele phansi,” kusho yena.
UMosia ubuye waveza ukuthi kukhona ubufakazi angazange abuqoqe endaweni yesigameko njengoba engazange asibone isidingo sokubuqoqa.
Phakathi kwalobu bufakazi, yizinsalela zeminwe uMosia athe akazithathanga emotweni kaMeyiwa. Eqhubeka echaza emva kokuhlohlwa ngemibuzo ngalokhu wu-Adv Mshololo, uMosia uthe akasibonanga isidingo sokubuthatha njengoba wayengaboni ukuthi kubaluleke ngani esigamekweni.
UMosia ubuye waveza nokuthi akazange azithathe izinsalela zeminwe esicabheni sasekhishini, okwangena ngaso abasolwa futhi akabuthathanga nobufakazi bempushana esalela ezandleni kulowo osuke edubula ngesibhamu kwababesendlini.
“Angizithathanga izinsalela zeminwe emnyango ngoba ngabona ukuthi umnyango usetshenziswe kakhulu nangabantu ababesendlini,” kusho uMosia.
UMshololo uphinde walandelisa ngomunye umbuzo, othi wakuqinisekisa yini engumphenyi ukuthi ababesendlini abasondeli esicabheni emva kokubona ukuthi silinyazwe yinhlamvu.
UMosia uphendule ngelithi yena wabeka isitikha somcibisholo futhi wabatshela ababesendlini ukuthi mabahlale emakamelweni.
Njengoba icala liqhubeka namuhla, kulindeleke ukuthi uMbuso ubize ufakazi omusha.