LIYAQHUBEKA nemizamo yokuthola ibheyili iphoyisa lesifazane elibhekene necala lokubulala umyeni walo.
USergeant Lindiwe Hlongwane oneminyaka engu-44 ubudala, wase-Akasia eTshwane waba nengxabano nomyeni wakhe phakathi kwamabili ngomhla ka-28 ngoJanuwari 2024 ngesikhathi umyeni wakhe ethatha isibhamu sakhe esikhwameni wamkhomba ngaso.
“Sithole umbiko othi kube nengxabano phakathi kukaSergeant Hlongwane nomyeni wakhe uMnuz Russell Hlongwane, 40, ngezintatha zangeSonto mhla ka28 kuJanuwari.
Kuthiwa umyeni uthathe isibhamu sikankosikazi somsebenzi wamkhomba ngaso,” kusho uPhaladi Shuping okhulumela uphiko oluphenya amacala amaphoyisa.
Kube nokuhilizisana uSergeant ezama ukuthatha isibhamu sakhe okuyilapho siqhume kane kudubuleka umyeni.
Uphuthunyiswe esibhedlela lapho efike waphangalala khona. Leli phoyisa laboshwa ngomhla ka-30 Januwari labekwa icala lokubulala. Lazama ukufaka isicelo sebheyili ngomhla ka-6 kuFebhuwari eNkantolo yeMantshi ePitoli kodwa icala lahlehliselwa umhla ka-12 kwephezulu lapho inkantolo izokhipha isinqumo ngesicelo sebheyili.