LIWUNDABUZEKWAYO kulezi zinsuku ihhovisi loMvikeli woMphakathi futhi lokhu akuqali, kubukeka sengathi ngeke kuphele maduze nje. Okuqaphelekayo wukuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi lineminyaka ecela kwengu-25 kanti lasungulwa ngo-Okthoba 1, 1995.
Ukugqama kwehhovisi kuxube izindaba ezinhle kwabanye kanti ezimbi kwabanye. Kuya ngokuthi umuntu umi ngakuphi nodaba ngaleso sikhathi. Amaqembu ezepolitiki ahlala ejikijela amazwi ayiziswana kuleli hhovisi elisola ngokwenzelela. Kumanje udaba lwakhona lufana nenkomo yomqhoyiso, abanye abathi ayililale abanye bathi ayivuke.
Umsebenzi wehhovisi loMvikeli woMphakathi wukwesekela umbuso wentando yeningi nokuqapha ngeso lokhozi ukusebenza kwawo. Leli hhovisi linegunya lokuphenya, ukukhipha imibiko bese lenza izincomo zokusombulula izinkinga. Amalungu omphakathi avulelekile ukuthi axhumane nehhovisi uma efisa ukubika udaba angenelisekile ngalo.
Lingena ngaphansi kwezikhungo eziyisithupha ezizimele ezasungulwa kulandelwa isigaba sesishiyagalolunye soMthethosiskelo wezwe. Phambilini bakhona abanye abake bahola ihhovisi kodwa abaningi baqale ukulinaka ngesikhathi liphethwe ngu-Advocate Thuli Madonsela, kuze kube kulo mholi okhona manje. Oqokiwe unikezwa inkontileka yeminyaka eyisikhombisa esuke ingeke ivuselelelwe bese kuthungathwa omunye ozothatha izintambo.
Umsebenzi wehhovisi loMvikeli woMphakathi ugqame kakhulu ngesikhathi lapho izwe lihlaselwe yinkohlakalo ezinhlakeni zikahulumeni. Abakade benganakile ukuthi kukhona uMvikeli woMphakathi, bagcine sebazi bazinika isikhathi balandela, bafunda kabanzi ngehhovisi elisematheni.
UMvikeli woMphakathi wokuqala kwaba nguMnuz Selby Baqwa, ogcine eseyijaji. UBaqwa waqokwa ngo-1995 ngesikhathi kuqala kuvulwa ihhovisi emuva kokungena kukahulumeni wentando yeningi.
Ngo-2002 kungene uMnuz Lawrence Mushwana. Ngo-2009 waphuma uMushwana kwase kungena u-Advocate Madonsela, ophathe waze wakhiswa ngu-Advocate Busisiwe Mkhwebane. U-Adv Mkhwebane uqokwe ngo-2016 kanti inkontileka yakhe iyaphela nonyaka.
U-Adv Madonsela wazakhela udumo ngophenyo lomuzi wowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma oseNkandla. Kwavela ukuthi kukhona okungahambanga kahle ngokulungiswa kwawo. Udaba lwaseNkandla, lwaba sematheni lwavusa izinsolo zenkohlakalo okuthiwa idla lubi kuhulumeni.
U-Adv Madonsela waphenya nezinsolo zokuqhwagwa kombuso ezaholela ekutheni kusungulwe ikhomishi eyaholwa yiJaji Raymond Zondo. U-Adv Mkhwebane ugqame ngokuphenya izikhalo ezithinta osopolitiki. Kepha, okugqame kakhulu wukungqubuzana phakathi kwakhe noMengameli wezwe Cyril Ramaphosa.
U-Adv Mkhwebane waphenya udaba lweCR17, okwakuwumkhankaso owaweseka umengameli uRamaphosa ngesikhathi efuna isikhundla kwi-ANC. U-Adv Mkhwebane ugcine ehlaselwe yizinkinga ngesikhathi sakhe esehhovisi, eyiswa ezinkantolo kuchithwa imibiko yakhe igcina ngokumiswa. Kuqale uhlelo lokukhishwa kwakhe esikhundleni esolwa ngokwehlulwa wumsebenzi.
Ikomiti lasePhalamende ligcine ngokukhipha umbiko othi kufanele aketulwe esikhundeni ngoba akafanelwe wukwenza lo msebenzi.
Seluqalile uhlelo lokuqashwa koMvikeli woMphakathi omusha, kanti igama lika-Adv Kholeka Gcaleka, libekwe eqhulwini njengokunguyena ongase athathe izintambo. Nakuba bekhona abanganelisekile ngaye kodwa usemathubeni amahle okuthi angene ngoba sekushoda ukuthi avotelwe ePhalamende, bese igama liyiswa kumengameli.
I-EFF ivutha ingabaselwe ngokutonyulwa kwegama loMvikeli woMphakathi omusha. Ikhala ngokuthi isinqumo asiphusile neze. Bakhala ngokuthi u-Adv Gcaleka wehluleke wancama, ukwenza umsebenzi odabeni lombiko wePhala Phala, okuyipulazi likamengameli wezwe.
I-EFF ikhale ngokuthi buyangabazeka ubuqotho nesithunzi sika-Adv Gcaleka ngoba ihhovisi azoliphatha alimfuni umuntu olandelwa wungabazane.
Ikhuze yababaza iDA, ngokuphakanyiswa kwakhe yathi bekungafanele futhi ibona kunesidingo sokuthi kukhangiswe kabusha kuqalwe phansi kuthungathwe uMvikeli woMphakathi. I-DA ikhala ngokuthi u-Adv Gcaleka ubephambili kunezimbangi zakhe ngoba uyiPhini loMvikeli woMphakathi futhi ubebambe esikhundleni soMvikeli woMphakathi njengoba kade kuqhubeka inhlokhono.
I-ANC ngaleso sikhathi ibigiya ithi impela igcagcele esokeni ngoba ibona igama eliphakanyisiwe kuyilona impela elifanele ukuqokelwa esikhundleni.
I-IFP yeseke ukuphakanyiswa kwegama lika-Adv Gcaleka yathi imbona efanelwe wukuthatha isikhundla. Lokhu kungase kuhhaze ukuthi uma sekuvotwa ePhalamende i-ANC izobe ilekelwa yi-IFP, ukuphasisa igama lika-Adv Gcaleka bese lidlulela kumengameli.
Kukho konke okwenzekile kodwa kucacile ukuthi abesifazane bafike ngomfutho kwezwakala kwesoMvikeli woMphakathi. Bakhombise isibindi bephenya osopolitiki ngisho nomengameli uqobo osuke ehleli esihlalweni zidudulane naye kucishe kuphele ngaye.
Phambilini abesifazane bebevame ukuvalelwa ngaphandle ezikhundleni ezifana nalezi zinikwe amadoda kodwa ukugqama kwabesifazane cishe kuyishintshile indlela obekwenzeka ngayo. Sekuyoba sezandleni zakhe uMvikeli woMphakathi omusha ukuthi uyalenyusa yini izinga noma uyalehlisa kodwa kuyacaca ukuthi igama lembokodo libhekiwe.