LIHLEHLISELWE uMsombuluko icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, abameli becela ukunikwa isikhathi esanele sokubuyekeza amaphepha abasanda kuwanikwa wuMbuso.
Phakathi kwawo kukhona isitatimende sikafakazi onguchwepheshe wamaselula, naye okuthiwa wabamba iqhaza ekuthathweni kwemininingwane ethile emaseluleni abasolwa.
Abameli bathe badinga isikhathi esanele sokuthi babuyekeze lesi sitatimende, ukuze bazilungisele isikhathi lapho lo fakazi ezoqala khona ethule ubufakazi bakhe ngalokhu.
U-Adv Zandile Mshololo yena ubuye waveza ukuthi uzodinga izinsuku ezimbili zokuthi abuyekeze nezithombe ezikwi-USB.
U-Adv Mshololo uthe uyinikwe ngoMsombuluko ngesikhathi kubuya leli cala enkantolo emva kokuthatha ikhefu lamasonto amabili. Uthe ukube wazinikwa ngaphambi kwekhefu, ubezoba nesikhathi esanele sokuthi azibuyekeze.
Ngaphambi kwalokho, usonge ukuphosa kwakhe ngemibuzo ufakazi obesebhokisini, uConstable Sizwe Zungu ngokuthi usazocela ukuthi aphinde abuyiswe ngoMsombuluko ngaphambi kokuqale kofakazi omusha.
UMshololo uthe lokhu uzokwenza ukuze eze neyakhe i-laptop ezokwazi ukuvezela inkantolo isikhathi nosuku okwathathwa ngalo ezinye izithombe uZungu azisebenzise ukuyamanisa abasolwa nendawo yaseVosloorus, ngosuku okwadutshulwa kwafa ngalo uMeyiwa.
UMshololo echaza kafishane uthe i-laptop yakhe iyaveza imininingwane yokuthi esinye sezithombe esinomuntu amummele, uMnuz Fisokuhle Ntuli wasishutha ehostela iGeorge Goch emva kuka-5 ntambama.
“Lezi zithombe zathathwa ngo-Okthoba 26, 2014. Ngokwemininingwane equkethwe yi-USB, sathathwa ngabo-5 ntambama, eGeorge Goch Hostel, hhayi eBasuthwini Hostel eVoslorus lapho usho khona wena,” kusho uMshololo ebhekise kuZungu.
UZungu uphendule ngelithi yena akazi, yena ubekhomba abantu abasesithombeni kuphela.
Ngaphambi kwalokho u-Adv Mshololo utshele uZungu ukuthi uNtuli uthi akakaze yena aye eBasuthwini Hostel.
“Uthi emva kokusuka lapho abathatha khona lesi sithombe, waqonda eflethini ayehlala kulo. Kukhona ofuna ukukusho?” kubuza uMshololo.
UZungu uthe: “Akukho engingakusho ngoba uyangitshela.”
U-Adv Mshololo uqhubeke wathi uNtuli uthi akakaze abe yingxenye yokwenziwa kwecala, wambuza ukuthi uthini uZungu ngalokho.
UZungu uphendule ngelithi akanakuphawula ngalokho.
IJaji Ratha Mokgoatlheng lingenele, lathi uZungu akakwazi ukuthi athi ngeke akwazi ukuphawula ngoba okushiwo ngu-Adv Mshololo kudinga ukuthi anike impendulo ecacisayo ukuthi uyakuvuma noma uyakuphikisa yini.
“Mina ngithi wayekhona. Ngambona kusesemini. Ngaphinde ngambona sekuntambama.
“Futhi uthi akakaze ayishayele imoto eyiPolo eSilver,” kusho u-Adv Mshololo.
UZungu uthe: “Unamanga ngoba ngaze ngamhlehlela ngesikhathi efuna ukuphuma ngemoto.” kuchaza uZungu.
U-Adv Mshololo ubuye washo nokunye okumbalwa okuphikwa nguNtuli, phakathi kwakho wukungena ekameleni likaGwabini, ukuba nabafowabo, noma isihlobo okuthiwa nguMnuz Nkazimulo Ntuli.
Konke lokhu ukuphikisile uZungu, ethi kungamanga.