AZINZILE amaphoyisa aqhuba uphenyo ebhilidini elingqongqiswe wumlilo kwashona abantu ababalelwa kwabangu-70, eMarshalltown, eGoli. Babalelwa kwabangu-55 abantu abangeniswe esibhedlela belimele ngenxa yomlilo oqubuke ebhilidini.
Okumangaze abaningi wukuthi kunemikhukhu ebalelwa kwengu-80 okuthiwa ibingaphakathi ebhilidini. Kuthiwa ibhilidi beliduniwe ngabantu abangafanele ukuliphatha. Kusolwa ukuthi ukwakhiwa kwemikhukhu ngaphakathi kudale ukuthi umlilo uhambe mawala ushe ubuhanguhangu.
Ukuvela kwezinsolo zemikhukhu nokuphathwa kwebhilidi ngabantu abangafanele kwenze ukuthi kuqale uphenyo lwamaphoyisa ukuthola imbangela yomlilo. Ukusha kwebhilidi kuqubule imibuzo ngokuphathwa kwamabhildi eGoli, kuthiwa kudla lubi ukuqhwagwa kwawo ngabathile.
UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uhoxise inkulumo yakhe abezoyibhekisa esizweni wavakasehla le ndawo ngoLwesine ntambama eyobona umonakalo. Uthe lokhu okwenzekile kuyisifundo sokuthi kufanele kube nokugcinwa komthetho emadolobheni akuleli.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, uthe le yinhlekelele enkulu kunazo zonke idolobha eselike labhekana nazo. Muva nje, basanda kudlula kwesinye isigameko sokuqhuma okwalimaza abantu, izimoto nempahla edolobheni laseGoli.