LIPHELA ngo-2030, ihlandla loMvikeli woMphakathi u-Advocate Kholeka Gcaleka, oqokwe ngokusemthethweni nguMengameli Cyril Ramaphosa.
URamaphosa umemezele ukuthi useqoke u-Advocate Gcaleka (41) oqale umsebenzi wakhe izolo, emuva kokuphakamisa kwePhalamende.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uMengameli uqoke u-Advocate Gcaleka ngokulandela uMthethosisekelo wezwe.
Uthe umqoke isikhathi esiyiminyaka eyisikhombisa kanti inkontileka yakhe ayivuselelwa.
“Umfisele konke okuhle esikhundleni sakhe esisha. Unethemba lokuthi uzosebenzela abantu bakuleli, ngeqiniso nangokuzinikela,” kusho uMagwenya.
Umengameli we-Action SA, uMnuz Herman Mashaba, uthe bathemba ukuthi u-Advocate Gcaleka ngeke angene ogibeni lwezepolitiki kule minyaka eyisikhombisa kulesi sikhundla.
Uthe ihhovisi lomvikeli womphakathi lasungulelwa ukuthi lizimele futhi likwazi ukusiza umphakathi jikelele onezinkinga.
“Sethemba ukuthi uzolwa nenkohlakalo, libe yihhovisi umphakathi ozokwazi ukuthembela kulona ngezinto ezithinta ukulwa nenkohlakalo.”
Umholi weBuild One South Africa uMnuz Mmusi Maimane, uthe izwe lidinga umvikeli womphakathi hhayi umvikeli kaMengameli.
Uthe u-Advocate Gcaleka ufika nefu elisekhanda lakhe ngezinto ezithinta ukukhipha phambili uRamaphosa odabeni oluthinta ukutholakala kwemali engamaDola epulazini lakhe iPhala Phala.
Amalungu ePhalamende angu-244 avotele ukweseka igama lika-Advocate Gcaleka kwesoMvikeli woMphakathi.
Ubeyibamba lomvikeli womphakathi kusuka ngoJuni 2022, emuva kokumiswa kowayengumvikeli u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, owakhishwa kulesi sikhundla ngoSepthemba.
U-Advocate Gcaleka waqokwa ngoJanuwari, 2020. Wazalelwa eGoli, wakhulela eMzimkhulu.
Uke waba ngumeluleki wongqongqoshe abehlukene emnyangweni weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, kowezaseKhaya, kuMgcinimafa.
Wayeyingxenye yekomiti elaliphenya ngesimo somasipala eGoli, kanti useke waba yingxenye yamabhodi ahlukene.
Ngaphambi kokuqokelwa kwesephini lomvikeli womphakathi, uke wasebenza njengommeli kanjalo nomshushisi ophikweni iNational Prosecuting Authority (NPA), ngo-2004.
Ungungoti ezintweni ezithinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane, nokushushumbiswa kwabantu.
Ungowesifazane wokuqala omnyama ukuba ngusihlalo womkhandlu iState Advocates.
Uneziqu ze-LLB zasenyuvesi yaKwaZulu-Natal, eze-LLM kwiCommercial Law zaseNyuvesi yaseJohannesburg.