INKANTOLO yeMantshi yasePinetown isichithile isicelo sebheyili sesosha elibekwe icala lokudubula amahlandla ayisithupha libulale umkalo.
IMantshi uGwendolyn Robinson, ithe azikho izizathu ezinqala futhi ezingajwayelekile ezibekwe uMnuz Lwanda Zungu esicelweni sakhe sebheyili.
Icala libe selihlehliselwa uJuni 18 nonyaka ukuze uMbuso uphothule uphenyo lwawo.
UZungu usolwa ngokudubula emi phezu kombhede okwakulele kuwona umufi, uNkk Tania Msane-Zungu (36) ngoJanuwari 3 nonyaka.
Kusolakala ukuthi wadubula umufi kanye ekhanda, amahlandla amane entanyeni enye inhlamvu yangena esifubeni.
UZungu uyaliphika icala lokubulala ngokuyinhloso eliwela esigabeni sesithupha athweswe lona uMbuso.
Enkantolo bekukhona amalungu ayo yomibili imindeni eganiselene kodwa engasabhekani.
Lokhu kuyaye kugqame nangokuhlala kwawo ngokwehlukana emabhentshini asenkantolo.
UZungu ubebukeka ezikhululekele njengenjwayelo futhi akakhombisanga kujabha ennqatshelwa ibheyili.
Ummeli kaZungu, u-Advocate Muzi Mzelemu akasiphikisanga isinqumo semantshi.
Lokhu kuchaza ukuthi uZungu uzoqhubeka agqunywe ezitokisini zasejele laseWestville.