LINIKWE kuze kube inyanga ezayo iPhalamende ukuthi libambe izigcawu zomphakathi ukuze kuphothulwe zonke izinto ezithinta umthetho wezokhetho, ozovumela ukuthi abangenela ukhetho ngokuzimela, babe yingxenye yokhetho lukazwelonke ngo-2024.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe iNkantolo yoMthethosisekelo ilule isikhathi kwaze kwaba nguJanuwari 31, ngonyaka ozayo, ukuthi kuphothulwe lo mthetho.
Lokhu kulandela ukuthi ngeledlule, iPhalamende laya kule nkantolo lifuna ukululelwa isikhathi.
Uthe bebefune ukululelwa isikhathi kuze kube uFebhuwari 28, 2023.
“IPhalamende lizosebenzisa lesi sikhathi ukubamba izigcawu zomphakathi njengokweziphakamiso zoMkhandlu weziFundazwe. Ngokululwa kwesikhathi ikhomishini yezokhetho isazoba nesikhathi esanele sokulungiselela ukhetho lwango-2024.”
NgoJuni 2020, le nkantolo yanquma ukuthi umthetho wezokhetho awuhambisani noMthethosisekelo ngoba wawungavumeli abangenela ukhetho ngokuzimela ukuthi babambe iqhaza okhethweni lukazwelonke.
Bewubavumela kuphela ukuthi babe yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya.
Le nkantolo yanqumela iPhalamende ukuthi ngoJuni, nonyaka, kumele sewulungisiwe ukuze uvumele abangenela ukhetho ukuthi babe yingxenye yokhetho lukazwelonke.
IPhalamende labamba izigcawu zokubonisana lapho kwavela imibono ehlukene emphakathini.
Abanye babehambisana nokuthi abangenela ukhetho ngokuzimela babe yingxenye, abanye bekuchitha lokhu.
Okunye okwagcina kuphakanyiswa ngukuthi abangenela ukhetho ngokuzimela kumele nabo bakhokhe imali yokungenela ukhetho njengoba kwenzeka emaqenjini ezepolitiki.
Le mali kwathiwa ayingabuyi uma ongenela ukhetho engasitholi isihlalo esiShayamthetho sesifundazwe noma ePhalamende.
Kwakhalwa nangokuthi ngeke sivalwe isikhala salowo ozobe engenele ukhetho ngokuzimela uma eshiya isikhundla noma eshona ngoba kuyabiza ukubamba ukhetho lokuchibiyela.