SIMPHIWE NGUBANE
OBEMELE iphoyisa elisolwa ngokudubula libulale abesifazane ababili ebelithandana nabo KwaNyuswa, eThekwini, ngo-Okthoba, ulaxaze umsolwa enkantolo wasala ezikhulumela yena nemantshi.
U-CONSTABLE Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) usale ebhokisini labasolwa yedwa njengoba ummeli, uMnuz Minoj Harripersad, evele waphuma wahamba eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
USikhakhane usale ezikhulumela yena, watshela imantshi ukuthi uzofuna omunye ummeli.
Imantshi, uWendalynn Robinson, ilihlehlisele uDisemba 14, icala ukuze umsolwa afike nommeli omusha.
Ekuqaleni evela enkantolo, uHarripersad utshele imantshi ukuthi uSikhakhane ucela ukunikwa isikhathi khona ezokhuluma nofakazi elungiselela ibheyili.
Kuthe sekubuywa isibili, uSikhakhane wafaka isicelo esiphuthumayo sokuthi kuhoxe imantshi ngoba eyisola ngokuthi ngeke ibenze ubulungiswa esicelweni sakhe sebheyili.
USikhakhane usolwa ngokudubula abulale uNksz Enhle Majola noNksz Sthembile Ngobese lapho ayehlala khona.
Kuthiwa kwakunamagobolondo ezinhlamvu angu-11 endaweni yesehlakalo kanti abagilwa bashonela endaweni yesigameko.