UCWANINGO lwakamuva lukhombisa ukuthi kuzothatha iminyaka ukuthi abasebenzi bakuleli abahola kancane bafinyelele emiholweni yezikhulu zezinkampani abazisebenzelayo.
Kuvela ukuthi kuzothatha iminyaka ewu-49 ukuthi umsebenzi ohola kancane eJohannesburg Stock Exchange (JSE) enze imali eyenziwa yisikhulu esiphezulu sale nkampani.
Isikhulu saseJSE sihola R20.668,000 ngonyaka bese kuthi umsebenzi ohola kancane ahole uR419,585 ngonyaka.
Lolu cwaningo olwenziwa yiJust Share, luveza ukuthi isikhulu esiphezulu saseShoprite sihola uR63.458,000 ngonyaka bese kuthi umsebenzi ohola kancane kule nkampani athole uR58.700 ngonyaka.
Isikhulu esiphezulu saseWoolworths sihola uR36,133,000 ngonyaka bese umsebenzi wakhona ohola kancane athole uR85.500 ngonyaka.
Emabhange Isikhulu esiphezulu eStandard Bank sithola uR55.694,000 bese umsebenzi wakhona agoduke noR215.700 ngonyaka.
Esase-Absa sihola uR46.058,000 ngonyaka bese umsebenzi ohola kancane athole uR200.000 ngonyaka.
ENedbank isikhulu esiphezulu sihola uR33.466,000 ngonyaka bese umsebenzi ohola kancane athole uR190.000 ngonyaka.
Isikhulu esiphezulu senkampani yomshwalense i-Old Mutual sihola uR22.078,000 ngonyaka kanti umsebenzi wakhona ohola kancane ugoguka noR180.000 ngonyaka.
IJust Share ithe ucwaningo lwenziwe ezinkampanini ezihweba kwiJSE futhi izikhulu zalezi zinkampani yizona eziveza isimo samaholo ezinkampanini zazo.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu), ithe usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe kuleli ukulinganisa amaholo.
Ikhale ngokuthi uhulumeni kufanele ayeke ukuba wunompempe obukela igebe elikhulayo phakathi kwabahola kakhulu nabahola kancane kodwa eze nezisombululo.