KUHLAKAZEKE ibandla labasindisiwe, iHoly Mpumalanga Ministries, ngenxa yokuvela kokuthi omunye wabefundisi baleli bandla uthwalisa abantu futhi unezinyoka.
Umthombo ongaphakathi ebandleni, uthe uMbhishobhi Khumbulani “Mabalengwe” Ntombela ukhonjwe indlela emuva kokutholakala ukuthi usheba insindiso nobunyanga.
Ethintwa omunye wabaphathi beHoly Mpumalanga Ministries, uMfu Khaya Simelane, uvumile ukuthi uNtombela akasekho ngaphansi kwebandla labo ngenxa yokuthi ‘unolunye ubizo’.
Ebuzwa ukuthi uNtombela uhambeleni ebandleni labo, uSimelane uvele wangena ezintangeni.
“Simkhululile ukuba alandele ubizo lwakhe ngoba ubesekhulile futhi esenenqwaba yabantu abamlandelayo,” kushaya ngezinqamulelayo uSimelane.
Eziphendulela uNtombela, uthe yena akashiyile kwiHoly Mpumalanga kodwa uphume nje inxiwa nabanye abazalwane abasabalale nezwe.
“Ngiseyilungu lebandla futhi ngizoqhubeka nokukhonza khona kodwa senginelami ibandla elizofana negatsha leHoly Mpumalanga Ministries, elibizwa ngokuthi yiGod Has Done Prophetic Healing. Ngizolethula ngokusemthethweni eYMCA eThekwini ngoMgqibelo (kule mpelasonto edlule) naseMtubatuba ngeSonto. Ngempelasonto ezayo ngiyolethula eJulies eGoli ngoDisemba 3 naseSoweto ngoDisemba 5. Zonke izinkonzo ziqala ngo-10 ekuseni, ziphele ngo-4 ntambama. Umehluko phakathi kweHoly neGod Has Done wukuthi kwelami kubuye kukhonzwe amadlozi futhi kulashwe nangokwesintu,” kusho uNtombela. Uvumile ukuthi yena ubuye abe yisangoma esathwasa futhi uyinyanga ethwalisayo enezigodlo eThekwini naseMelmoth.
“Ngeke ngiyeke abantu babulawe yizifo ngibe ngibusiswe ngamakhambi okuzelapha. Ngiyabathwalisa abantu abafuna ukuchunyelwa yiziphiwo zabo. Nami ngathwala kodwa ngathwaliswa yidlozi. Kufika mfundisi, kufike somabhizinisi nezinye izinyanga ezaziwayo njengamanje,” kuphetha uNtombela odume ngeqembu iMabalangwe NaBafana Besikhalanga.