LIHLEHLELE uMashi 19, icala lokubulala owayeyisishoshovu se-MKP eCato Crest, eThekwini, elibhekene nabesilisa abathathu.
Abamangalelwa abebevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, basolwa ngokudubula babulale uMnuz Mxolisi Zungu eCato Crest, ngoJuni, nyakenye.
Kubamangalelwa kukhona uMnuz Sphamandla Vulindlela Hlongwane (41), okuthiwa ungumsolwa wokuqala. Kuvela ukuthi uphinde abeyinyanga, uneshibhi futhi unezindawo eziqashisayo.
Ummangalelwa wesibili, uMnuz Ngcebo Treasure Luthuli (33), naye oneshibhi.
Owesithathu uMnuz Thokozani Emmanuel Luthuli, yena kuthiwa uziphilisa ngokudayisa emgwaqweni.
Ngesikhathi bevela izolo, uMbuso wenze isicelo sokuthi lihlehliswe njengoba kuvele ukuthi kusekhona uphenyo olushodayo.
Imantshi ibe isilihlehlisela uMashi 19 icala, ukuze amaphenyi baqhubeke nophenyo.
Ngosuku lwesigameko umufi wadutshulwa ngezikhathi zasekuseni, ehamba nenkosikazi yakhe emgwaqweni.
Babebuya ukuhambisa ingane yabo enkulisa ngesikhathi ummangalelwa wokuqala ebaqhamukela ngemuva, wafika wadubula umufi, owavele washonela khona lapho.
Ngaleso sikhathi, zaqina izinsolo zokuthi ukubulawa kwakhe kumayelana nezepolitiki njengoba kwakusanda kufa elinye ilungu le-MK kwenye ingxenye yeMayville, ngendlela engaqondakali, lisha nendlu.
Nokho emva kokuboshwa kwabasolwa, kwabe sekuvela ukuthi ukubulawa kwakhe kuyamene nombango webhizinisi lokudayisa utshwala endaweni.