INKANTOLO yeMantshi e-Orkney ikuhlehlisele umhla ka-27 kwephezulu ukulalelwa kwesicelo sebheyili sowesilisa osolwa ngokubulala unkosikazi wakhe.
USibusiso Kula (34) ubhekene necala lokubulala unkosikazi wakhe.
UMbuso uhlela ukusiphikisa isicelo sebheyili ngenxa yobucayi becala abekwe lona uKula.
Ngokombiko ovela emaphoyiseni, unkosikazi kaKula watholakala eshonile emzini wakhe ngomhla ka-27 Novemba 2022 esigamekweni esabonakala sengathi ngesokugebenga.
“Watholakala enenxeba lokugwazwa emhlane kodwa isikhali esasetshenziswa kasizange sitholakale. Icala lavulwa wumsolwa owatshela amaphoyisa ukuthi wayengekho ekhaya ngesikhathi sesigameko,” kusho uHenry Mamothame okhulumela iNPA eNorth West.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni komsolwa ngomhla ka-20 Januwari 2023 ngecala lokubulala.
Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kanti umsolwa uzogqunywa esitokisini aze abuyele enkantolo.