AYISIKHOMBISA amaphoyisa abhekene namacala okweba, ukukhwabanisa, ukulimaza impahla nokuphula umthetho.
La maphoyisa okunguSiyash Rampearie (29), Lloyed Bafana Nyambose (30), Neo Ashley Maboya (25), Yingisa Wesley Mhlongo (32), Mhlaba Lungani Ngcobo (41), Nkoma Tervin Motupa (29) noMotshusi Samuel Dipone (38) asebenzela uphiko lweKurhuleni Infrastructure Unit neGermiston Crime Intelligence esiteshini saseNigel.
Kuthiwa ngomhla ka-15 Julayi nonyaka, amaphoyisa ayisikhombisa agasela eLM Café eNigel, alimaza impahla, agekeza isisefo semali, athatha imali enguR172 400.00 namabhokisi angu-152 kagwayi ongekho ethethweni.
La maphoyisa avulela umnikazi wendawo icala kodwa langakwazi ukungena eNkantolo yeMantshi eNigel ngoba bungekho ubufakazi obanele futhi amaphoyisa ahluleka ukugcwalisa ifomu elibizwa ngeSAP13, okumele ligcwaliswe uma kuthathwe impahla esitolo.
“Ngosuku olufanayo umgilwa wavula icala evulela lawa maphoyisa. Uphiko oluphenya amacala enziwa ngamaphoyisa, i-Ipid, lwaphenya ngalokhu kwase kuvulwa icala,” kusho iNPA.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi eNigel ngoMsombuluko. Icala lahlehliselwa uMsombuluko mhla ka-7 lapho abasolwa bazofaka khona isicelo sebheyili.
ULumka Mahanjana okhulumela iNPA, uthi uMbuso uhlela ukusiphikisa isicelo sebheyili.