UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, izolo uNgizwe Mchunu obhekene necala lokususa udlame emphakathini nawokuphula imigomo yokunqanda ukusabalala kweCovid-19 ngesikhathi sezibhelu eziqubuke maphakathi nonyaka.

UNgizwe waboshwa eThekwini wabe eseyiswa eGoli lapho avela enkantolo yakhona ngaphambi kokukhishwa ngebheyili kaR2000.
Icala lakhe alithathanga ngisho imizuzu emihlanu ngaphambi kokuthi lihlehliselwe uJanuwari 31 ngonyaka ozayo.
Ekhuluma kwi-eNCA uPhindi Mjonondwana, okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi, uthe bakholwa ukuthi kunecala okumele aliphendule uNgizwe. Uthe idokodo liphasile ngesikhathi libhekwa ukuthi likhona yini icala futhi banalo ithemba lokuthi bazomshushisa ngendlela.
UNgizwe, ongumlandeli wokuqina wowayengumengameli, uJacob Zuma, uthe uyajabula ngokuthi uZuma ugcine ephumile ejele.
Uveze ukuthi akakakhulumi naye kodwa lokho kuzoshintsha maduze ngoba bazohlangana.
UNgizwe ubonakale enkantolo ehamba noBonginkosi Khanyile nabaqaphi abebehlome ngezibhamu.