KHETHA SANGWENI
BAZOBUYELA ngoLwesibili enkantolo abasolwa ngokusiza umdlwenguli uThabo Bester, ukuthi eqe ejele eMangaung, eFree State. Ababesebenza ejele oMnuz Senohe Motsoara, uMnuz Teboho Lepholo, uMnuz Matanyane Masukela, Mnuz Tieho Makhotsa, noNksz Nataasja Jansen. Bonke bavele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein, lapho befake isicelo sebheyili.
Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoMeyi 23, lapho kuzokwenziwa izethulo zokugcina bese kuzwakala ukuthi imantshi iyabanika yini ibheyili.
Basolwa ngokusiza uBester ukuthi eqe ejele, kwaqanjwa amanga kwathiwa ushe wangqongqa ngaphakathi ejele. Kuthiwa kwalandwa isidumbu somuntu ngaphandle sayiswa ejele safika sashiswa kwase kukhishwa uBester.
Ngesikhathi bevele enkantolo babonakale bengaxwayile kakhulu kodwa belalele bethe njo, kulokhu obekukhulunywa enkantolo. Omunye wabasolwa wesifazane ubebeke isandla esihlathini ethule ebuka phambili samuntu ojahe ukuzwa isiphetho sodaba.
Ijele okweqa kulona uBester beligadwa yinkampani ezimele iG4S, okuvele ukuthi uhulumeni uyinqamulile inkontileka yayo emuva kwesigameko esishaqise abaningi.
UBester nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumane, bahamba icala emuva kokuthi beboshwe beseTanzania, bezama ukudlulela eKenya.