LIDLULISELWE eNkantolo eNkulu yaseSottburgh icala lokubulawa kowayezobeletha amaphahla amathathu, elibhekene nephoyisa elaliyisoka lakhe.
INkantolo yeMantshi yaseXobho izolo ilikhombe eScottburgh ngoNovemba, 6 icala elibhekene noSeargent Mbuyiseni Christopher Gema (36) lokubulawa ngesihluku kukaNksz Busisiwe Ngubo (35) ngo-Agasti owayezobeletha amawele amathathu ngosuku olulandelayo.
UGema ovele useyoqeda inyanga yesithathu ebhadla esitokisini njengoba anqatshelwa ibheyili, uyaliphika icala. Ilungu lomndeni kamufi, uMnuz Mandla Ngcobo, lithe ukudluliselwa enkantolo enkulu kwecala kwenza bathemba ukuthi kuzokwenzeka ubulungiswa ngokushesha, umsolwa agwetshwe.
“Siyathemba ukuthi ngeke lidonse kakhulu, kuzosheshe kwenzeke ubulungiswa. Okunye okusishaqisile wukuthi kuthe emasontweni amabili adlule, izingane ebezidlala zathola ucingo okutholakale ukuthi ngolukamufi lubulewe, eduze kwendawo lapho kwatholakala khona isidumbu sakhe.
Ngesikhathi amaphoyisa ebuya ukuzobhekisisa, athola nentambo okukholakala ukuthi yiyona eyasetshenziswa ukuklinya umufi,” usho kanje.
UNksz Ngubo kuthiwa wayebikele amalungu omndeni wakhe ukuthi uyohlangana nesoka (umsolwa) elimshayele ucingo licela ukumbona, okuthiwa lahlangana naye ngaphandle kwesango lomuzi wakubo kamgilwa, ngosuku olwandulela abulawa ngalo.
Isidumbu sikamufi kuthiwa satholwa ngamanye amalungu omphakathi sidindilize eceleni kwendlela, ahlaba umkhosi.