KUDINGEKE ukuthi lihlehliselwe uLwesibili icala lokubulawa kwalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, emva kokuba ufakazi wesithathu engakwazanga ukufika enkantolo ngenxa yokungasitholi isikhala ebhanoyini.

Ngokusho komshushisi, u-Advocate George Baloyi, kube khona ukubambezeleka kwalo fakazi ngenxa yokungatholakali kwebhanoyi ebelizomfikisa ngesikhathi.
“Ngaleso sizathu sicela ukuthi lihlehliswe icala,” kucela uBaloyi othe lo fakazi kulindeleke ukuthi afike eGoli ngezikhathi zasemini namhlanje.
Uphinde waveza ukuthi ikhona imizamo abayenzile ukuthi bafake omunye ufakazi esikhaleni salona obambezelekile kodwa ayangaphumelela.
Lona kulindeleke ukuthi abe ngufakazi wesithathu ukuma phambi kwejaji kulandela uSergeant Mlungisi Patrick Mthethwa oqede ukwethula obakhe ubufakazi ngeledlule. UMthethwa ubandulela uSergent Thabo Mosia, naye ophuthule obake ubufakazi ngalo isonto eledlule.