LIHAMBE ekhaya liya emsebenzini iphoyisa lezobunhloli elishone emuva kokugwazwa ethaveni yaKwaNdengezi ngempelasonto.
Lezi zindaba zivezwe nguNkk Thandekile Sibiya, unina kaConstable Kwazi Lunga Andrew Sibiya (29), othe indodana yakhe ibivamise ukuhamba ntambama iyobheka izidleke zezidakamizwa ukuze iqinisekise ukuthi umphakathi uphephile.
“NgoMgqibelo wangitshela ukuthi uyosebenza eCoffee Farm, KwaNdengezi, ngazitshela ukuthi uzobuya ngoba ubejwayele ukuhamba ayobheka ukuthi ubugebengu benzeka kuphi ukuze kuboshwe izigebengu. Ubengumuntu obegxile ekuqedeni izidleke zezidakamizwa bengingazitsheli ukuthi ngeke abuye,” kusho uNkk Sibiya.
Uthe ubejwayele ukuyibuza indodana yakhe ukuthi ihambe kanjani emsebenzini ngoba ubehlale enovalo lokuthi yenza umsebenzi oyingozi.
“Sizwe ngabo-5 ekuseni ngeSonto ubabomncane wakhe esitshela ukuthi kukhona okumehlele. Kubizwe ubaba wakhe mina kwathiwa angisale. Babuye bangifonela bathi useRoma (St Mary’s) ngazitshela ukuthi kusho ukuthi ulimele uzobuya. Ngathi sengibuza ubaba wakhe ukuthi unjani uLunga wangitshela ukuthi akasekho,” kusho uNkk Sibiya.
Uthe indodana yakhe yayivele ithanda ukuba yiphoyisa ngoba ngesikhathi ibizwa emaphoyiseni yayisithole omunye umsebenzi eGoli kodwa yangaya kuwona yayofundela ubuphoyisa.
ZIVELE zehla izinyembezi kuNkk Thandekile Sibiya, unina kamufi uConstable Kwazi Lunga Sibiya (okwesishuthekiwe), othe indodana yakhe beyiwuthanda umsebenzi wobuphoyisa. Isithombe:GCINA NDWALANE
Uchaze indodana yakhe njengomuntu obekhonze abantu futhi engafuni bahlukunyezwe yizigebengu.
“Ubewumuntu onothando uLunga, ubewusizo lapha ekhaya uma kuphela inyanga igrosa ubeyigcwalisa. Ubengibikela njalo uma eseya emsebenzini,” kusho uNkk Sibiya ekhala.
UNkk Sibiya uthe indodana yakhe ibisinengoduso uNksz Zinhle Msomi nendodakazi eneminyaka emithathu uSiyethemba Sibiya.
Usihlalo wekomidi elilwa nobugebengu KwaNdengezi, uMnuz Xolani Mkhize, uthe bakhathazekile ngokushiywa yiphoyisa lezobunhloli endaweni yabo ikakhulukazi ngoba vele bawaswele.
“Siyafisa ukuthi abantu bakuxazulule ngomlomo ukungaboni ngaso linye kungabi wukuthi sekukhona ogwazwayo. Kubuhlungu uma sekukhona oshonile,” kusho uMkhize.
ULt Colonel Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya icala lokubulala emuva kokuthi iphoyisa ligwazwe lafa ngowesilisa (29).
“Umufi ubenenxeba lokugwazwa esifubeni futhi ushonele endaweni yesigameko. Kuboshwe umsolwa (29) ozovela enkantolo maduze,” kusho uZwane.