LIGUQE okwesikhashana ukuqulwa icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, emuva kokuthi abameli bekhale ngokuziphatha kwabezindaba ababonakale bejijimeza ufakazi owayesendlini ngosuku lwesigameko ngesikhathi efika eNkantolo eNkulu ePitoli.
Lo fakazi ongowokuqala owayesendlini ngelanga lesigameko ukubizwa wuMbuso ukuzokwethula ubufakazi, ubebhekwe ngabomvu njengoba kunguyena ozochaza ngokwenzeka.
Ngaphambi kokuthi abizwe ukuze angene ebhokisini, uMshushisi u-Advocate Baloyi ukhale ngokuziphatha kwezintatheli ezilandele ufakazi uMnuz Tumelo Madlala, zimphosa imibuzo ngesikhathi efika enkantolo.
Uthe lokhu kuziphatha kwezintatheli akwamukelekile futhi ziyazi ukuthi ithini imibandela yokuba khona kwazo enkantolo ukucoshela lolu daba.
U-Adv Baloyi uthe ukuziphatha kwezintatheli kubambezela ukuqulwa kwecala njengoba sekufanele kudingidwe ukuziphatha kwazo engabe kubizwa ufakazi.
Ijaji uTshifhiwa Maumela obebonakala enengekile, lithe akumele kuboshwe ngebande elilodwa zonke izintatheli, akubhekwane nalezo ezibonakale zingaziphethe kahle.
Uveze ukuthi isikhonzi senkantolo obekuthiwa besikade sikhona kwenzeka lokhu singaya kobuka okuqoshiwe ukuze sihlonze lezo zintatheli ezibonakale zijijimeza ufakazi.
U-Advocate Zandile Mshololo omele ummangalelwa wesihlanu, uphakamile wabala izintatheli okuyizo athe ziyathinteka, wathi kumele zivalwe ukucoshela leli cala. Uveze ukuthi uke wakhuluma nazo ngalokhu ezikwenzile.
Ummeli kammangalelwa wokuqala kuya kowesine u-Advocate TT Thobane, ukhale ngokungalandeli imigomo ezibekelwe yona izintatheli enkantolo okuphazamisa nabammangalelwa ngoba ezinye zibashutha ngesikhathi bethatha imiyalelo kubo njengabameli babo.
UMaumela ube esethi ngoba ziyaziwa izintatheli ezithintekayo, uzophuma kancane enkantolo bese zibonana nemenenja yenkantolo ngalolu daba. Uthe uzozwa umbiko ngokudingidiwe kwavunyelwana ngakho ukuze kuqhubeke icala.
Uthe into angayifuni ukuthi kuphazamiseke ukuthethwa kwecala.