LIPHINDE lahlehla icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ngesikhathi kuvela ukuthi abamangalelwa bazofaka isicelo sosizo lwabameli bakahulumeni.
Icala lokufa kukaMeyiwa lingene okokuqala ngaphambi kweJaji Ratha Makgoatlheng eliqokwe emuva kokumiswa kukazwakwabo iJaji Tshifiwa Maumela.
Bekulindeleke ukuthi icala liqalwe phansi kabusha, kuqhutshekwe nokulalelwa kobufakazi kodwa abameli babamangalelwa bacela ukunikwa isikhathi.
Akucacanga noma abameli bayahoxa noma bazoqhubeka kodwa bese bekhokhelwa yiLegal Aid, okuwuphiko lwabameli bamahhala.
Ijaji likhiphe umyalelo wokuthi abeLegal Aid bafike ngokushesha enkantolo namaphepha adinga ukugcwaliswa ngabamangalelwa ukuze kungachitheki isikhathi.
Icala lihlehlele uLwesibili. Ijaji liyalela abameli ukuthi baqedele yonke imicilikishi ngoba siningi isikhathi esesidlekile kuleli cala.