LIZOZE libuyele ngoMashi enkantolo icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
UMeyiwa, owayedabuka eMlaza, eThekwini, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
Kuboshwe abalisa abahlanu uMbuso okholwa wukuthi yibona abathengwa ukuthi baqede ngoMeyiwa kodwa bayawaphika onke amacala ababekwe wona.
Ukuphika kwabo amacala kuholele ekutheni abameli bafake isicelo sokuthi inkantolo ingazemukeli izitatimende okuthiwa bazibhala bevuma amacala.
UMbuso ubize ofakazi bawo waqeda, kwaba yithuba labameli nabo bethula ubufakazi, bagibeza abamangalelwa ebhokisini. UMbuso uthe usubusongile ubufakazi nabameli bathi baqedile sekufanele kwenziwe izethulo zokugcina ezibhalwe phansi.
IJaji Ratha Makgoatlheng nezinhlangothi zombili, uMbuso nabameli, baxoxile bebonisana ngokuthi amaphepha kufanele afakwe nini. Bagcine bevumelene ngokuthi uMbuso unikwa kuze kube wuFebhuwari 26 ukuthi ufake amaphepha.
Ithimba labameli lanikwa ukuthi lilandele lifake awalo ngomnqamulajuqu kaMashi 1 bese kubuyelwa enkantolo ngoMashi 4, izinhlangothi zizokwenza izethulo kubuka wonke umuntu.
Kuyothi uma kuqedwa izethulo bese ijaji licubungula kabanzi likhiphe isinqumo ekutheni kufanele yini izitatimende zisebenze njengobufakazi noma cha.
IJaji uMakgoatlheng livumile nakuba bekucaca ukuthi aleneme, likhala ngokuthi abaphathi balo ngeke bayinambithisise kahle le ndaba.
“UMengameli wamaJaji uzodumala ngalesi sinqumo ngoba ubezitshela ukuthi kuzothi ukushesha kunalokho,’’ kusho iJaji uMakgoatlheng.
Ummangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi, ube ngowokugcina ukufakaza ngesikhathi kuguqa udaba futhi ubelokhu eqhubeka nokuphika izinto eziningi. UMbuso uthi uNtanzi nommangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, bawavuma amacala emaphoyiseni.
UMbuso uthi bavuma amacala, babhala izitatimende bazisayina baze bakhomba nomuntu owayebanike itoho lokujuqa uMeyiwa. Abamangalelwa bathi babexinwe amaphoyisa ngesibhaxu baze basayina izitatimende bephephisa impilo yabo.
Okunye okuqaphelekile ngesikhathi abamangalelwa bethula ubufakazi bekubuye kuvele ukushayisana nababekusho ekuqaleni ngemilomo yabameli babo.